Izindaba

Iqokwe nezikhondlakhondla i-G Force yomuntu omnyama

Nkosikhona Cele|Published

UMnuz Graham Sabela ongumsunguli weG Force Employment Solutions eqokwe nezikhondlakhondla zezinkampani

Image: SITHUNYELWE

UHLABEKE umxhwele omunye wosomabhizinisi omnyama kuqokwa inkampani yakhe kowezindondo zeSeifsa Excellent Award akulo nyaka.

UMnuz Graham Sabela weG Force Employement Solutions uthi ukuqokwa kwabo kulezi ndondo kuveza ngokusobala ukuthi izinkampani zabamnyama sezingathenjwa ngemisebenzi emikhulu.

Ngokusho kukaSabela bagxile kakhulu ekusizeni abantu ekubaxhumaniseni nemisebenzi ehlukene.

UMnuz Graham Sabela ekanye nabasebenzi bakhe

Image: SITHUNYELWE

IG Force ifakwe nezinye zezikhondlakhondla zezinkampani ezenza kahle eminxeni ehlukene.

Phakathi kwezinkampani efakwe nazo kubalwa u-Eskom, uDefy nezinye ezinkulu.

USabela uthi sesifikile manje isikhathi sokuba zethenjwe izinkampani zabantu abamnyama.

"Kungijabulisile kakhulu ukuqokwa kwethu sibalwe nezinye nezinye zezinkampani ezenza kahle kakhulu. Lokhu kuyangikhuthaza futhi kwenza ngibone ukuthi nabantu abamnyama sebeyakwazi ukuqala izinkampani ziphumelele," usho kanjena.

Uveze ukuthi balinganiselwa ku5000 sebebonke abasebenzi abangaphansi kwabo.

"Lokhu kukuvezela ngokusobala ukuthi mkhulu kangakanani umehluko esiwenzayo emphakathini," echaza.

USabela ujwayele ukuzwakala oKhozini Fm ohlelweni lukaZimdolar noKing Sfiso lapho bechushisa khona abalaleli ngamathuba omsebenzi.

Uphosele inselelo nabanye osomabhizinisi abamnyama ukuba bangangenwa ngamanzi emadolweni uma becabanga ngokuqala awabo amabhizinisi.

"Nami kwadingeka ukuba ngibe nesibindi ngishiye kumlungu ebese ngiqala okwami ngempela kwaphumelela," echaza.

Uveze ukuthi lona unyaka wesithupha bekhona wathi kodwa bayadlondlobala.