Izindaba

Umasipala nezigidi zokufukulwa kwabalimi

Nkosikhona Cele|Published

UMASIPALA waseMthonjaneni udlulisele izinsiza kubalimi

Image: SITHUNYELWE

USEBENZISE izigidi zamarandi ngenhloso yokufukula abalimi basemakhaya uMasipala waseMthonjaneni.

Lokhu kudalulwe yiMeya yaseMthonjaneni, uMnuz Mbangiseni Biyela, obekhuluma ngesikhathi kunomcimbi omkhulu wokudluliselwa kwezinsiza kubalimi bakule ndawo.

Umcimbi ubusenkundleni yezemidlalo eMelmoth muva nje. UBiyela uthe ngokusebenzisa le mali bahlose ukudlulisa umyalezo wokuthi abantu mababuyele ekukhuthaleleni ukusebenzisa umhlaba ukuziphilisa.

"Siyakholelwa kakhulu ekutheni kumele balekelelwe abalimi basemakhaya. Akumele abantu babhekane nezingqinamba zokuswela izinsiza ekubeni ukhona umasipala," usho kanjena.

Uthe bathole inqwaba yezicelo ebezivela kubalimi abehlukene befisa ukuxhaswa ngezinsiza.

"Sibe sesibonisana ehhovisi sabona ukuthi kumqoka kakhulu ukuba balekelelwe ngezinsiza ezihlukene. Ngalokhu sihlose ukuqinisekisa ukuthi bayadlondlobala abalimi basemakhaya," kuchaza yena.

Uveze ukuthi abalimi abafisa ukubalekelela kakhulu ngabantu abasha kanye nabesifazane.

"Sifuna ukuthi abantu abasha basebenzise umhlabathi ukuze baziphilise," kuchaza yena.

USomlomo waseMthonjaneni, uNkk Ntombiyenkosi Mbatha, uphonsele inselelo abantu abasha wathi mabakhohlwe wuphuzo oludakayo bagxile kakhulu kwezolimo.

Uthe bafisa ukubona abantu abasha bezinikela kakhulu kwezolimi.

Amakhosi akule ndawo ahlabeke umxhwele ebona umasipala ungenelela ekufukulweni kwabalimi.

Phakathi kwezinsiza abalimi abahlomule ngazo kubalwa ogandaganda nokunye okuningi.

Abalimi babonge banconcoza ngokulekelelwwa wumasipala wabo.