Izindaba

Kushile kubasebenzi abayizipoki kowezeMfundo eKZN

Mhlengi Shangase|Published

INHLOKO yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMDkt Nkosinathi Ngcobo

Image: SIGCINIWE

INHLANZI izoshelwa ngamanzi kubasebenzi abayizipoki eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal, njengoba bezobhekana namacala enkohlakalo.

Kuzobabhedela nalabo basebenzi abenza umkhonyovu wokubhalisa laba basebenzi ohlelweni lokuthi bahole kuhulumeni njengoba bezolandwa nasemakhaya uma sebathatha umhlalaphansi.

Lokhu kushiwo yinhloko yomnyango, uMnuz Nathi Ngcobo, njengoba lolu hlelo lokubheka abasebenzi abayizipoki liqalile kuleli sonto.

UNgcobo uthe kabazosinisa mahleza kulabo abayizipoki kanjalo nakulabo okuyibona abababhalisa.

"Sizovula amacala enkohlakalo kulabo abayizipoki kanjalo nalabo abangena ohlelweni lokukhokha iPersal, babafaka ohlelweni lokuthi bakhokhelwe. Lolu hlelo lokukhokha lusebenzisa inombolo ethile umuntu angena ngayo, ukuze abhalise lowo msebenzi yingakho kuzoba lula ukubamba labo ababafaka ohlelweni lokuthi bakhokhelwe." 

Uthe uma sebedla endala bazobalanda emakhaya ukuze bazobhekana namacala abo.

"Sizobathungatha noma ikuphi lapho bekhona ngoba sifuna babhekane nezono zabo. Ukuthi umuntu akasebenzi emnyangweni, akusho lutho lokho ngoba sizomlanda," kusho uNgcobo.

Uhlelo lokubheka abasebenzi abayizipoki lusingethwe ngumnyango kazwelonke kanti kusetshenziswa inkampani ezimele.

Inhloso yokwenza lolu phenyo ukubheka ukuthi azikho izipoki zabasebenzi ezibhubhudla imali kahulumeni. Kunethemba lokuthi lolu hlelo luzokwehlisa nengcindezi yemali ebhekene nomnyango njengoba ingxenye enkulu yemali, iya emaholweni abasebenzi.

Ekhuluma emhlanganweni wekomiti lezezimali esiShayamthetho, uNgcobo uthe seluyaphothulwa uhlelo lokubheka othisha abayizipoki.

Uthe luzodlulela nakwabanye abasebenzi bomnyango bese luya nakubafundi.

"Sifuna ukuthola ukuthi sikhokhela abantu abakhona nokuthi bangaki abafundi abayizipoki. Sinabafundi abangenazo izitifiketi zokuzalwa kodwa abakuleli. Sinalabo abavela nakwamanye amazwe," kusho uNgcobo.

Phambilini, othishanhloko babekhala ngokuthi babekwa amacala ngumnyango, besolwa ngokuthi bakhulisa isibalo sabafundi ukuze bathole uxhaso oluthe xaxa, uma befaka nalabo abangenazo izitifiketi zokuzalwa kanjalo nabafundi bangaphandle. Uma unesibalo esiphezulu sabafundi wandiselwa isibalo sothisha, nemali etholwa isikole ithi xaxa okubalwa nohlelo lokudla.

Lolu hlelo lokubheka abasebenzi abayizipoki selwenabele nakweminye iminyango eyayalelwa ukuthi ilwenze nguMnyango weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha, ukunqanda le nkinga kuleli.