Izindaba

OwezeMvelo utuse iqhaza labasiza ukuvikela obhejane eKZN

Simangaliso Ntshangase|Published

INHLOKO yezokusebenza eKZN Wildlife, uVuyiswa Radebe, enabaqaphi baseHluhluwe-Imfolozi Park abalwa nokunqunywa kwezimpondo zobhejane esiqiwini

Image: SITHUNYELWE

ISIKHULU esiphezulu se-Ezemvelo KZN Wildlife, uMnuz Sihle Mkhize, situse abasebenzi balesi sikhungo iHluhluwe-Imfolozi Park esibhekele ukuphepha nokuvikela imvelo nezilwane KwaZulu-Natal, ngeqhaza abalibambayo besebenza okubonakala kuthela izithelo ezinhle.

UMkhize usho njalo ekhuluma embuthanweni abewuhlelele ukutusa umsebenzi omuhle wethimba lakhe, lapho encome khona ukuzikhandla kwalo ukuqikelela ukuthi kuvikeleka izilwane zaseziqiwini ikakhulu obhejane, okuhlale kuba nezigameko zokunqunywa kwezimpondo zabo ngenhloso yokuhweba ngazo ngokungemthetho.

"Sizimisele ngokuqhubeka senze konke okusemandleni ethu ukuqikelela ukuthi abasebenzi bethu abenza lo msebenzi bavikeleka njalo ukuze bakhuthalele ukuqhubeka nomsebenzi wabo ngobuqotho nangeqiniso," usho kanje.

Uthe kuhle futhi kuyajabulisa ukuthi ukuzikhandla kwabasebenzi bakhe kuthela izithelo ezinhle nezibonakalayo njengoba kulo nyaka kusabulawe obhejane abawu-86 kuphela, okungumehluko omkhulu nomuhle uma kuqhathaniswa nabawu-218 abase bebulewe ngalesi sikhathi nyakenye.

Kuwo lo mbuthano, bekukhona noNksz Laura Fynn, obhekele ukucwaninga ngezinhlelo ezahlukene ze-Ezemvelo, ochaze  ngohlelo oluqhubekayo i-Anti-Poaching Strategy, olwaziwa nangokuthi yi-tea and coffee.

"Lolu hlelo lubandakanya nokuvakashelwa kwabasolwa ngokwenza lo mkhuba abasuke bengaphandle ngebheyili emacaleni abo, ukubakhumbuza nokubacacisela ukuthi amacala abo awakaboli nokuthi bazi ukuthi kuzokwenziwa konke okusemandleni ukuthi babhekane nomthetho," usho kanje..

UNksz Fynn udalule nokuthi kulolu hlelo lwabo, Ezemvelo sezivundulule amaqembu amane aziwayo ngokwenza lobu bugebengu, okuzosiza ukuthi kubhekwane nawo ngqo.