UMENGAMELI we-ANC Youth League omisiwe, uMnuz Collen Malatji
Image: Facebook / ANC Northern Cape
UPHIKO lwentsha lweqembu lezepolitiki i-African Nationa Congress (ANC) lumemezele ukuthi selumise umengameli waleli qembu uMnuz Collen Malatji ekuzibandakanyeni nayo yonke imisebenzi yeqembu kube kuqhubeka ukuphenya malungana nezinselo zasolwa ngakho.
Esitatimendeni esikhishwe yileli qembu ngoLwesine, i-African National Congress Youth League (ANCYL) idalule ukuthi lokhu kuza emva kokuthi isigungu esiphezulu saleli qembu silandele isigatshana somthetho u-Schedule A womthethosisekelo weqembu.
“Umengameli weqembu wephule umthetho ngokusingatha umhlangano eceleni ngokwakhe wase edukisa zonke izinhlaka zeqembu esebenzisa kabi amandla esikhundla sakhe. Ngaphezu kwalokho, wenze ukuthi uNobhala Jikelele noMgcinimafa beqembu bangaba yingxenye yamalungiselelo womhlangano omkhulu weqembu, isenzo asivume ngokwakhe ukuthi usenzile emhlanganweni esiwenze naye,” kusho isitatimende se-ANCYL.
Siqhuba isitatimende, sidalule ukuthi ngokwenza kwakhe lokho ubephula ubunjalo bomthetho weqembu, okusho ukuthi ngokomthetho u-Schedule A lokho kusho ukwephula imigomo nemithetho okumqoka kweqembu.
Sithe isenzo sakhe siphula imithetho ngalezi zindlela ezilandelayo:
“Kuzothi kuqhubeka ukuphenya ngalokhu, kube wukuthi umengameli akavumelekile ukumela iqembu nganoma iyiphi indlela, futhi akavumelekile ukuvela nganoma iyiphi indlela emphakathini esebenzisa igama leqembum,” kucacisa isitatimende seqembu.