Izindaba

Abesilisa batshelwe ezikabhoqo beboniswa ngobudoda

Simangaliso Ntshangase|Published

KUSUKELA kwesokunxele wuMnuz Ndabe Myeza, uDkt Nkosinathi Shabalala, uKhulekani Mbambo, uMnuz Nhlanhla Khambule noDJ Sonic emcimbini i-Men's Conference obuhlelwe yiGagasi FM eWiseman Carwash & Shisanyama, KwaMashu, ngoLwesithathu

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

BAPHUZISWE iqiniso libaba linjalo abesilisa abebehambele umcimbi wabo bodwa onhloso yawo wukubacebisa ngokumele bakwenze nokumele bakugweme ukuze babe ngamadoda aqotho i-Men's Conference ebiyenziwe yiGagasi FM eWiseman Carwash & Shisanyama, KwaMashu, enyakatho yeTheku ngoLwesithathu.

Lo mcimbi, obukhuza ibuya ihlandla lesibili nonyaka bekubuthene abesilisa abangaphezu kwa-50, becetshiswa futhi bedodiswa ngezihloko ezahlukene ezithinta impilo yabo ngqo, ohlelweni obeluphethwe ngabasakazi beGagasi GM oDJ Sonic noKhulekani Mbambo.

Esinye sezikhulumu zosuku, udokotela oweluleka ngezocansi uDkt Nkosinathi Shabalala, weluleke ngokuthi abesilisa kumele basukumele ubudoda babo, futhi bayeke ukushalazela ukunaka izimo zempilo yabo ezenza ukuthi behlelwe yisithunzi uma sebesekamelweni.

"Into enilimazayo wukuqinisela ngoba nesaba ukuthi uma nibonakala nikhathalela impilo yenu nizokwehlelwa yisithunzi, okuyinto eyenza ukuthi impilo yenu ingahambi kahle nje ngezinto eziningi. Ngakho ngikhuthaza ukuthi niqale kumanje nenze kube wumkhuba wenu ukubheka ukuthi konke kusahamba kahle yini empilweni yenu. Lokho kusozisza ukuthi kuthi uma senifika eminyakeni ewu-40 kuya ku-55, okuyilapho enisuke senicathanyelwa khona yizifo eziningi, kube wukuthi senikujwayele ukunaka isimo sempilo," kusho uDkt Shabalala.

KUSUKELA kwesokunxele wuMnuz Ndabe Myeza, uDkt Nkosinathi Shabalala, uKhulekani Mbambo noMnuz Nhlanhla Khambule emcimbini i-Men's Conference obuhlelwe yiGagasi FM eWiseman Carwash & Shisanyama, KwaMashu, ngoLwesithathu

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

Umeluleki wezifo eziyamene nokusebenza komqondo uMnuz Ndabe Myeza yena ucebise ngokuthi abesilisa bangesabi ukuhlola isimo somqondo wabo, ikakhulu ngoba ubunzima besimo sempilo kwangaleso sikhathi kungaphazamisa indlela umqondo osebenza ngayo.

"Sidinga ukuqeda nya umkhuba wokucabanga ukuthi ukwelulekwa kwezengqondo yinto yabezinye izinhlanga nabesifane kuphela, ngoba iqiniso wukuthi kuningi okwenzekayo empilweni yethu yansuku zonke okunomthelela kwindlela umqondo wethu osebenza ngayo, kubalwa nendlela esikhule ngayo - okudinga ukuthi kube wumsebenzi wethu ukukunaka kungaze kudale ukuthi sibe yingozi ebantwini esibathandayo," kucebisa uMyeza.

Umeluleki wezezimali ozimele uMnuz Nhlanhla Khambule yena ucebise abesilisa ukuthi banganciki endleleni eyodwa yokwenza imali, ngoba yilokho okwenza ukuthi bagqilazeke emqondweni futhi bengahlaliseki uma sekuphele imali, noma uma sebecwile ezikweletini.

"Ngakho lokho kusiphosela inselelo yokuthi sikhuthale ukubheka ezinye izindlela eziqondile nezisemthethweni esingenza ngazo ukuthi imali yethu izalane futhi yande ukuze kuphele ukungazethembi nokungakhululeki empilweni okudalwa wukuthi sihlale singenamali. Ukuqala manje sitshale imali, siyibeke kungasisiza kakhulu ngomuso," kusho uKhambule.

Omunye wabaphathi beGagasi FM u-Alex Mthiyane uthe izincomo zabantu ngalo mcimbi yizo ezenze ukuthi bawubuyisa kulo nyaka, abathemba ukuthi uzoqhubeka nokuthi ube wusizo emphakathini ngenxa yezimfundiso ezinhle ezitholakala kuwona minyaka yonke.