OZIBIZA ngosebenzela ezobunhloli, uMnuz Brown Mogotsi, ethula ubufakazi kwiKhomishini kaMadlanga
Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers
USOLWE ngokwenza izinsolo ezibucayi ngamagama abantu maqede angakwazi ukuzeseka ngobufakazi obuphathekayo uMnuz Brown Mogotsi, ngesikhathi evele kwiKhomishini kaMadlanga izolo.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi engena osukwini lwesibili uMogotsi - ozibiza ngosebenzela ezobunhloli - ethula ubufakazi bakhe phambi kwale khomishini ephenya ngezinsolo zokugxambukela kosopolitiki, inkohlakalo kanjalo nobugebengu obenzeka emaphoyiseni.
Le khomishini isungulwe nguMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, emva kokuba uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, enza izinsolo ezibucayi ngosopolitiki kanjalo nezikhulu zamaphoyisa ezisebenzisana nezigebengu ngasekuqaleni kukaJulayi nonyaka.
UMogotsi ubesaqhubeka nokwethula ubufakazi bakhe bezinye zezinto athe wazitshelwa ngusomathenda osematheni, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala.
Ubesanda kuqeda ukufakaza ngokuthi uMatlala wamtshela ukuthi walahlekelwa yinqwaba yemali ekhokhela osopolitiki abafana nowayengungqongqoshe wezamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele kanjalo noKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola.
Kungenelele u-Advocate Sesi Baloyi SC, wambuza ukuthi uyabona yini kodwa ukuthi ulokhu eqhubeke njalo nokutshela ikhomishini ukuthi wayenoMatlala, wamtshela ukuthi nokuthi kodwa akukho akuletha ngaphambili ukweseka lokho.
“Siwumzimba onhloso yawo ukuthola amaqiniso. Uyisiza kanjani ikhomishini ukuthi iqinisekisa lobu bufakazi obushoyo?” kubuza u-Adv Baloyi SC.
Wenze isibonelo ngakushoyo, phambilini bakhonjisiwe imiyalezo ebiphakathi kwakhe uMogotsi noMotlala.
Uthe uMogotsi njengoba elokhu enza izinsolo akakaze aziphelezele ngobufakazi obuphathekayo njengalobu ababukhonjisiwe bemiyalezo.
“Utshele ikhomishini ukuthi uCele noMasemola banikwa nguMatlala isamba semali ngamunye kodwa akukho okuvezayo ukusekela lokho,” kusho u-Adv Baloyi SC.
UMogotsi uphendule ngelithi akanaso isizathu sokuqambela ikhomishini amanga.
“Engikushoyo ilokhu engikwaziyo, lokhu angitshela khona,” kusho uMogotsi.
Uqhube wathi kunomshini obizwa ngeCellebrite, osetshenziswa yizinkampani ezizimele ukubeka nganxanye imiyalezo esuke ifunwa umuntu.
“Ingaleyo ndlela okwatholakala ngayo izingxoxo ezifana nezami, Cat Matlala, Senzo Mchunu nabanye,” kusho uMogotsi.
Uqhube wathi ufakazi, umeli washo ukuthi iselula kaMatlala yathintwa, kwasuswa eminye imiyalezo ngokungemthetho.
Uzwakalise ukungagculiseki ngokuthi kuze kube yimanje abukaze buvezwe ubufakazi obuphathekayo ngokuthi uMchunu usebenzisana nongqondongqondo bobugebengu bokuhweba ngezidakamizwa.
Ubuye waveza nokuthi nguMatlala owayenguJohn Wick waseMamelodi. UWick waba wundabuzekwayo ngo-2021, ngesikhathi kuthiwa ungumuntu ongaziwa owayeqotha amalungu eqembu lemigulukudu elalibizwa ngeBoko Haram eMamelodi.
Ethula ubufakazi bakhe izolo, uMogotsi uthe uphenyo lweCrime Intelligence lwavundulula isithombe somuntu owayengemuva kwaleli gama kanjalo nenombolo yakhe kamazisi.
“Lesi sithombe kwakungesikaMatlala. Yingakho ngithi uma uCele ethi waqala ukuhlangana noMatlala okokuqala ngqa nyakenye, kufanele ukuba umqondo wakhe wabuya, wakhumbula ukuthi lobu buso obalo muntu okwatholwa ukuthi uJohn Wick,” kusho uMogotsi.
Uphinde watshela ikhomishini ukuthi waqala ukwazana noNgqongqoshe wezamaPhoyisa osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu ngo-2017, ezintweni ze-ANC.
Uthe ngesikhathi uMchunu emphika elala ngomhlane, ebuzwa ngaye okokuqala, yingoba wayekhonjiswe isithombe somuntu angamazi, kwathiwa uyamazi yini lo muntu, wase ephendula ngokuthi: “Angimazi lowo muntu”.
“Kwathi uma sengichazwa kahle, wase eveza ukuthi uyangazi njenge-comrade kwi-ANC,” kusho uMogotsi.
Ephendula ngokwazana noyisikhulu sezisebenzi ehhovisi likaMchunu, uMnuz Cedric Nkabinde, uthe ubekhuluma naye kuphela uma ethe uthinta uMchunu wangamthola.
Nokho lolu lwazi luyashayisana nokushiwo uNkabinde ekomitini lasePhalamende njengoba yena eveze ukuthi bebexhumana behlela imihlangano ethile.
Uthe kuyammangaza nokuthi uMatlala aqhamuke esevezwa njengomuntu oyisigebengu esiyingozi ekubeni esenesikhathi eside ehlomula ngamathenda emaphoyiseni.
“Ohlelweni lokutholwa kwamathenda emaphoyiseni abantu bayabhekisiswa. Umbuzo uthi kwaphasa kanjani kulolo hlelo uma sekuthiwa mubi kangaka?” kubuza uMogotsi.
Utshele ikhomishini ukuthi angase adinge usizo lokugadwa uma eqeda ukwethula ubufakazi bakhe.