UMENGAMELI Cyril Ramaphosa emhlanganweni weG20 eGoli
Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usexwayise ngokuthi ngeke akuvumele ukuthi amazwe ayizikhondlakhondla achukuluze asathuthuka.
Uthe ngeke bakumele ukuchukuluzwa ngoba kuyalinganwa futhi ngeke bathule bebona lokhu kwenzeka.
"Siyalingana sonke, akumele kube nezwe elizibona lilikhulu kunamanye amazwe bese lizikhukhumeza. Noma uyisikhondlakhondla awukwazi ukubukela phansi amanye amazwe," kusho uRamaphosa evala umhlangano weG20 Social Summit eGoli, ngoLwesine.
Uthe ngeke bavumele ukubukelwa phansi ngamanye amazwe.
Noma engalibizanga ngegama izwe laseMelika, kodwa kucacele noma ngubani ukuthi ukhuluma ngaleli lizwe, elidube ukuza emhlanganweni weG20 okuleli, ozohanjelwa abaholi bamazwe kusasa nangeSonto.
UMengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, uthe abezi kuleli ngenxa yokuthi kubulawa abalimi abamhlophe kuphinde kuthathwe umhlaba wabo ngejozi.
Njalo uma uTrump evula umlomo ekhuluma ngelakuleli, ukhwela adilike athi kwenzeka izinto ezingalungile.
Muva nje, usanda kunxenxa amazwe ukuthi angazamukeli iziphakamiso ezizophuma ngeSonto, kulo mhlangano ngenxa yezinto ezenzeka kuleli.
URamaphosa obamukela iziphakamiso, uthe zibalulekile ukuze zethulwe phambi kwabaholi bomhlaba.
"Ukungalingani ngezinye zezinto okumele zibhungwe emhlanganweni weG20. Ziningi izinto ezinhle ezenzeka kuleli. Wonke amazwe anelungelo lokuthi kulalelwe umbono wawo ngoba kuyalinganwa."
Related Topics: