Izindaba

Umasipala nezigidi zokulwa nezinhlekelele

Nkosikhona Cele|Published

IMEYA yesiFunda iLembe uMnuz Thobani Shandu

Image: SITHUNYELWE

UMASIPALA wesiFunda iLembe uhlose ukusabela kwikhwelo likaMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ngokubhukula ube namasu okulwa nezinhlekelele.

Lokhu kudalulwe yiMeya yesiFunda uMnuz Thobani Shandu obekhuluma engqungqutheleni yokubhunga kabanzi ngamasu okunqanda izinhlekelele ebikade iqhubeka eBandla Hotel, eBallito.

UShandu uqale ngokuveza ukuthi ilinganiselwa kuR5 million isiyonke imali ezosetshenziselwa ukubhekana nezimo zezinhlekelele.

Uveze ukuthi bonke omasipala abane abangaphansi kwesiFunda bake bazithola bekhahlamezeka yizinhlekelele eminyakeni eyedlule.Omasipala abangaphansi kwalesiFunda kufaka phakathi iMandeni, iKwaDukuza, iNdwedwe kanye noMaphumulo.

"Kuyishwa elikhulu ukuthi bonke labo masipala bake bazithola bebhekana nale nkinga. Iqiniso ukuthi izinhlekelele zivamise ukusilimaza kakhulu ," usho kanjena.

Uthe KwaDukuza izinhlekelele zishiywe kukhalwa eminyakeni eyedlule kwaguguleka imigwaqo kwakhahlamezeka nezindlu.

Uthe kwaba yinto efanayo futhi naKwaDukuza. Uthe kumele kusetshenziswane ukuze kubhekwane nje ngqo nalesi simo."Kumele sisukume sonke kube khona esikwenzayo ngenhloso yokunqanda lesi simo,"echaza.

Uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi le mali ebekiwe izobonakala yenza umehluko omkhulu.

Uthe ngalokhu abakwenzayo basabela kwikhwelo likaMengameli owanikeza omasipala umyalelo wokuba babhukule kube khona abakwenzayo uma kukhulunywa ngezimo zezinhlekelele.

"Kuyasiphoqa ukuthi sikwenze nakanjani lokhu esakuyalelwa uMengameli wethu," usho kanjena.

Uveze nokuthi kunezinhlelo ezihlabahlosile abanazo zokufundisa umphakathi kabanzi ngokuthi ungazinqanda kanjani izinhlekelele.

Abezinhlaka ezahlukene baveze ukuthi bazibophezele ekutheni basebenzisane nomasipala besifunda ukubhekana nezinhlekelele.

Kube nesikhalazo sokuthi izinhlekelele ziholela ekutheni intuthuko igcine seyihamba ngolonwabu ngoba kusetshenziswa imali ebikade ibekelwe esinye isidingo ukuphesha umonakalo wezinhlekelele.

IMeya yaKwaDukuza uMnuz Siduduzo Gumede uphumele obala ekhala ngomonakalo owashiywa yizinhlekelele kulo masipala.