UMNUZ Cedric Nkabinde obevele ekomitini lePhalamende elikhethekile
Image: Phando Jikelo : RSA Parliament
Ayanda Ndamane/Independent Media
UMNUZ Cedric Nkabinde obeyisikhulu sabasebenzi ehhovisi likaNgqongqoshe wezamaPhoyisa osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, utshele ikomiti lePhalamende izolo, ukuthi wahlangana kanye nosomabhizinisi (ozibiza ngenhloli) waseNorth West, onobudlelwano ne-ANC, uMnuz Brown Mogotsi.
UMNUZ Cedric Nkabinde obevele ekomitini lePhalamende elikhethekile
Image: Ayanda Ndamane/Independent Media
UNkabinde uthe lokhu kwenzeka ngesikhathi ehlelela ungqongqoshe umhlangano.
Ubethula ubufakazi bakhe emuva kwezinsolo ezenziwa nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi. UNkabinde uthe ngo-Agasti 24, 2024, uMchunu wamyalela ukuba amhlele ukuvakashela eStilfontein, lapho kwakunezinxushunxushu kwababemba emayini ngokungemthetho.
"Yikulowo mhlangano lapho ungqongqoshe anginikeza khona imininingwane kaMnuz Mogotsi waseNorth West, futhi wathi ngimcele ukuba afike nabaholi bendawo ukuze bamtshele ukuthi ngesimo sakhona ngaphambi kokuba avakashele khona."
Umhlangano wahlelwa phakathi kukaMogotsi namaqabane akhe ngo-Okthoba 28, 2024, lapho kwakuhlala khona uMchunu.
UNkabinde uthe uyena owayehlela lowo mhlangano owenzeka ngendlela.
"Mina angiwuthamelanga lowo mhlangano ngakho angikwazi ukuqinisekisa okwakudingidwa kuwo."
Uthe wayeqala futhi egcina ukuhlangana noMogotsi ngo-Okthoba, nyakenye.
UNkabinde uthe uMogotsi akakaze wavakashela emahhovisi kaMchunu selokhu kwaba nomhlangano nyakenye.
UNkabinde ubesevela okwesibili ePhalamende njengoba ngesonto eledlule ehoxisiwe emuva kwezinsolo zokuqamba amanga efungile.
Efakaza uNkabinde, uchaze usuku afonelwa ngalo nguMkhwanazi embuza ngoMogotsi.
Uthe wayengekho ngesikhathi uMchunu ebhala incwadi yokuhlakaza ithimba elaliphenya ngamacala okubulawa kosopolitiki.
Related Topics: