KUSOLWA nomshayeli we-Uber kwabashiselwe ukweba imfuyo eNanda
Image: GAPON / AFP
UBENGUMSHAYELI wezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile oyedwa okusolwa ukuthi ukwabane ababulewe ngesihluku eMatata, eMaphephetheni, eNanda, ngoMgqibelo, besolwa ngokweba imfuyo.
Kulesi sigameko kuthiwa oyedwa ushiselwe emotweni eyiveni, iNissan NP200, kwathi abathathu bashiselwa emotweni ethwala abantu abayisikhombisa, iToyota Rumion.
Ngesikhathi kusabalala indaba yesigameko, kwavela ukuthi abafi babanjwa nenyama okwakusolwa ukuthi ngeyezinkomo abazibulale, bazihlinza, bazihlahlela base behamba nenyama.
Nokho ngoMsombuluko Isolezwe lixoxe nesihlobo sikaMnuz Wandile Zaca okuthiwa wayeshayela iRumion etholakele ishisiwe.
Isihlobo esicele ukungadalulwa sithe asifuni ukuvela njengoba abazali bomshayeli we-uber besathukutheliswe yisithombe esidwebeke ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uZaca ubeyisela lezinkomo.
“UWandile ubezishayelela imoto eyi-uber, ubengelona isela lezinkomo,” kusho isihlobo.
Sithe bese kunesikhathi uZaca eshayela imoto ekhokhelwa ngebanga elihambile.
Sithe ngosuku olwandulela isigameko, bathola ukuthi wayethole isicelo sabantu abafuna ukuhanjiswa eNanda.
“Okuvelayo wukuthi wasamukela isicelo, wabahambisa abantu eNanda nokuvela ukuthi kwaba yilona hambo lwakhe lokugcina lolo,” kusho isihlobo.
Sithe umndeni uzwe ngesigameko usutshelwa ngumnikazi wemoto.
“Umnikazi wemoto washayelwa ucingo ngabe-tracker ngoMgqibelo entathakusa, bemazisa ukuthi kubukeka sengathi imoto inenkinga,” kusho isihlobo.
Sithe umnikazi wemoto wakhetha ukulandela umkhondo we-tracker owawukhombisa ukuthi igcine ukuthatha uhambo lwaseNanda.
“Kwathi uma efika lapho umkhondo uphelela khona, wazithela phezu kwemoto yakhe, ishisiwe inabantu phakathi,” kusho isihlobo.
Sithe nakuba kwathi uma kulunguzwa phakathi kwavela ukuthi kwabathathu abashiselwa kule moto, sasingekho isidumbu esisesihlalweni somshayeli kodwa banalo uvalo lokuthi uZaca ukhona kwabashiswa.
“Kuze kube yimanje asimtholi ocingweni. Yebo siyezwa kuthiwa kukhona abaphunyuka kodwa ukungatholakali kwakhe kwenza ziqine izinsolo zokuthi naye ukwabashisiwe,” kusho isihlobo.
Sithe umndeni uzolinda imiphumela yolibofuzo ukuqinisekisa ukuthi kwabashisiwe ukhona yini noZaca.
Sehlulekile ukuchaza ukuthi uma uZaca engabandakanyeki ezinsolweni zokwebiwa kwemfuyo, yini eyadala ukuthi imoto abehamba ngayo yehlelwe wumshophi entathakusa ngoMgqibelo endaweni yesigameko ekubeni yena isicelo sokuya khona asithola ngoLwesihlanu.
“Sesithembele ophenyweni lwamaphoyisa ukuthi lucacise kabanzi kulokho kodwa thina uWandile asimazi njengomuntu obebandakanyeka ezenzweni zobugebengu,” kusho isihlobo.
Ngesikhathi Isolezwe likhuluma nomthombo ngeSonto, emva kwesigameko, wathi umphakathi bese ukhathele amasela abulala izinkomo, azihlinze bese ekhala amaphepha nenyama.
Ulandisa ngesehlakalo wathi amalungu omphakathi abhadama abafi ababili neveni endaweni yesigameko.
Waveza ukuthi babuzwa ukuthi yini le abamatasa ngayo endaweni ekubeni kusempondo zankomo, bahluleka wukuphendula.
Kuthiwa athi uma ehlola iveni, athola ukuthi ligcwele inyama okubonakayo ukuthi yayiqeda kuhlahlelwa, angabe esabadedela.
Kuvela ukuthi kwathi kusenjalo, kwaqhamuka iRumion eyayihamba abantu abane, maqede baqhumisa isibhamu.
Yilapho okuthiwa amalungu omphakathi avele abashisa khona nezimoto. Kuthiwa munye owashiswa evenini kwathi abathathu bashiswa neRumion. Kwavela ukuthi ababili baphunyuka babaleka.
KUSOLWA nomshayeli we-Uber kwabashiselwe ukweba imfuyo eNanda
Image: GAPON / AFP
Related Topics: