UNGQONGQOSHE wezeMfundo uMnuz Buti Manamela
Image: Ayanda Ndamane / Independent Newspapers
LITHEMBISE ukubuyisa uzinzo esikhwameni esixhasa izitshudeni ngemali ezikhungweni zemfundo, iNational Students Financial Aid Scheme (NSFAS), ibamba likaSihlalo uDkt Mugwena Maluleke, obhekene nomqansa wokuxazulula izinselelo ngokuxhaswa kwezitshudeni.
UMaluleke ojutshwe nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela, uthe okuseqhulwini ezintweni azozenza, ngukuqinisekisa ukuthi kuxhaswa izitshudeni ezifanele.
"Okubalulekile ngukuthi sivuleleke, siqinise ekuphathweni kwalesi sikhwama siphinde senze izinguquko ezibeka phambili izitshudeni. Ngiyazazi izinselelo ezibhekene nezitshudeni zokungakhishwa ngesikhathi koxhaso."
UMaluleke ukhale ngokuthi ezinye zezinto ezenzeka kulesi sikhwama, azamukelekile.
"Sifuna kube nozinzo ohlelweni lokukhokhwa kwemihlomulo yezitshudeni. Siyayilungisa nenkinga yohlelo lwezobuchwepheshe lokukhokha oludala ukubambezeleka ekukhishweni kwemihlomulo ngesikhathi esifanele, kusho uMaluleke.
Uveze ukuthi bazolokhu bazisa izitshudeni, iPhalamende nezinye izinhlaka ukuthi bangaki abaxhaswayo, nabangalutholi uxhaso.
"Sinezinhlelo zokuvikela abahlaba umkhosi ngenkohlakalo. Asifuni kube nemali okungaziwa ukuthi iyephi."
UMaluleke ubamba kulesi sikhundla emva kokushiya kobengusihlalo ekhala ngokucwaswa, ukusatshiswa nangezinto eziningi athi azihambi kahle esikhwameni.
Kwenzeka lokhu nje uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, wathi ukube kuya ngaye ngabe uyasivala thaqa lesi sikhwama ngoba asikwenzi esasisungulelwe khona.
UGodongwana wakhala ngokuthi siqasha ezinye izinkampani ukusabalalisa imihlomulo yezitshudeni okuwumsebenzi ongabe wenziwa yisona ngoba sasisungulelwe lokho.
Related Topics: