KUXWAYISWA abazogcwaneka ukuthi bazobhekana nengalo yomthetho emhlanganweni weG20
Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers
IZINHLAKA zokuphepha ezijutshwe ukuqapha umhlangano weG20
Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers
KUKHUZWA abazogcwaneka emhlanganweni omkhulu wamazwe omhlaba ayingxenye yeG20, kuleli, ngempelasonto, ukuthi bazoyikhotha imbenge yomile.
Lesi sexwayiso sikhishwe yizinhlaka zokuphepha ezweni, njengoba kulungiselelwa umhlangano omkhulu ngoMgqibelo nangeSonto, wabaholi bamazwe akwiG20 abazotheleka eNasrec, eGoli.
UKhomishana wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemola, uxwayise abazozama ukuthatha amashansi ukuthi bazobhekana nengalo yomthetho.
"Amaphoyisa azobe engathi nsi kwabazozama ukuphazamisa nokumosha lo mhlangano. Ababhikishayo kumele balandele imithetho ebekiwe ezweni. Ningavumi ukucasuka nigcine senisebenzisa indlakadla kodwa niqinise umthetho. Noma umuntu kungathiwa unesikhundla esiphezulu ezweni kodwa uma engenazo izimfanelo ningamvumeli," kusho uMasemola.
Ukusho lokhu izolo, ekhuluma namathimba ahlukene ezokuphepha ezweni ajutshwe ukuqapha isimo kulo mhlangano.
USolwazi Firoz Cachalia, ibamba likaNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uthe amehlo omhlaba azobe ethe njo kuleli ngakho kumele abaholi abazobe bekuleli, baphephe.
Uthe noma zikhona izinselelo ezweni njengawonke wonke amazwe kodwa ziyalungiswa futhi lo mhlangano uzoba yimpumelelo.
"Yonke into isimi ngomumo ukwamukela abaholi bamazwe. Mkhulu umsebenzi owenziwe ukulungiselela lo mhlangano, njengoba zikhona izigcawu eziqhubekayo zokuhlangana kwezinhlaka ezehlukene ezisuka kwamanye amazwe," usho kanje.
UNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo, uNksz Mmamoloko Kubayi, uyalele izinhlaka zomthetho ukuthi ziyibambe iqine kuze kudlule lo mhlangano obhekwe umhlaba wonke.
"Siyazi ngeke nisidumaze, ibambeni ishisa. Akuvikelwe abavakashi kanjalo nabantu bakuleli," usho kanje.
Kunezinhlangano ezihlele ukuthi zibhikishe zikhala ngezinto ezehlukene. Ezinye zazo zifuna ukuthi ukubulawa kwabesifazane kuthathwe njengesihlava kuleli. Kunombhikisho ozobe usezifundazweni ezehlukene lapho iWoman for Change, inxenxe abesifazane ukuthi bagodle amandla bangasebenzi kusasa. Ifuna ukuthi ngo-12 emini bebade, balale phansi imizuzu ewu-15, ngenhloso yokukhumbula abesifazane ababulawa kuleli.
Kuhlukene imibono kubantu bakuleli njengoba kukhona abakhala ngokuthi intuthuko bayibona ngoba kuza imihlangano emikhulu kuleli. Abakhalayo bathi babone kulungiswa emadolobheni ahlukene ngenxa yokuthi kunalo mhlangano.
Bathe bathemba ukuthi amaphoyisa azoqhubeka abonakale noma lo mhlangano usuphelile ukuze abantu baphephe.
Okunye okuvelile ngukuthi uma kunesidingo sokuthi kuqiniswe kakhulu ezokuphepha, kuzolandwa namasosha ukuzofaka isandla.