Izindaba

Banengwe osabise uNkabinde ngejele ethula ubufakazi ePhalamende

INTATHELI YESOLEZWE|Published

UMNUZ Cedric Nkabinde obevele ekomitini lePhalamende elikhethekile ngoLwesithathu

Image: Phando Jikelo : RSA Parliament

UMNUZ Cedrick Nkabinde ongumphathi wezisebenzi osamisiwe ehhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa naye osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, uthole umyalezo omsabisayo ngesikhathi ethula ubufakazi ekomitini lasePhalamende ngoLwesithathu.

UNkabinde utshele ikomiti ukuthi uthole umyalezo ovela kumphenyi ozimele, uMnuz Paul O’Sullivan othi: “Zilungiselele qili eliqamba amanga. Ngizoqinisekisa ukuthi uchitha iminyaka ejele. Ufumbathisiwe uMkhwanazi noMabula. Manje uzowakhokhela amacala akho, ngiyakuqinisekisa.”

Lo myalezo uze emva kokuthi uNkabinde ededele ibhomu ngo-O’Sullivan, ethi uzenzela umathanda emaphoyiseni eSouth African Police Service (SAPS), Independent Police Investigative Directorate (IPID), National Prosecuting Authority (NPA) kanjalo nakwezinye izinhlaka zezobulungiswa.

UNkabinde ubedalule nokuthi izikhulu zalezi zinhlaka ziyamyeka u-O’Sullivan azicanasele. 

USihlalo wekomiti, uMnuz Molapi Lekganyane, ukuqinisekisile ukuthi uNkabinde uselibikele ikomiti ngalezi zinsongo. 

Uthe bazosebenzisana nophiko lwabameli bePhalamende ukuqinisekisa ukuthi amalungelo kaNkabinde njengesakhamuzi sakuleli ayavikelwa.

Amalungu ePhalamende ngokwehlukahlukana kwamaqembu awo, azwakalise ukungakuthakaseli okwenziwe u-O’Sullivan, amanye ethi ngeke avunyelwe ukuthi azenzele umathanda, ngesikhathi amanye evumelana ngokuthi kufanele abizwe phambi kwekomiti masinyane ngesenzo sakhe.