Izindaba

Abayizwa eyesinqumo esithathiwe abeSACP eKZN

Mhlengi Shangase|Published

OBENGUNOBHALA ebuholini beSACP obuhlakaziwe eKZN uMnuz Themba Mthembu

Image: SIGCINIWE

ITHIBELENE phakathi kwabaholi beSACP njengoba ubuholi baKwaZulu-Natal, obusanda kuhlakazwa buthi yibona obusemthethweni esifundazweni.

Ubuholi obuhlakaziwe buchitha nabaqokwe okwesikhashana, okuthiwa bazokwengamela  isifundazwe kuze kuqokwe abaholi abasha.

UMnuz Themba Mthembu, obengunobhala ebuholini obuhlakaziwe, uthe ngokwabo yibona abasemthethweni esifundazweni, ababazi abanye abaqokiwe.

"Asisamukeli isinqumo sokuhlakazwa nokuqokwa kwethimba lesikhashana eliqokwe wubuholi bukazwelonke. Sifuna kubhungwe kabanzi ngalesi sinqumo, sicutshungulwe bese simenyezelwa ngokusemthethweni yiCentral Committee (CC)," kusho uMthembu.

Uthe baba nomhlangano nethimba elalivela kwi-CC ngo-Agasti nonyaka, ngezikhalo zesifundazwe ezinye zazo ezisuka ku-2023.

"Kulowo mhlangano sahambisa uhlu lwezikhalo, kwavunyelwana ngokuthi sinike i-CC isikhathi sokuthi izibheke kabanzi. Besisalindele ukuthi lezo zikhalo zizothulwa ngokusemthethweni emhlanganweni we-CC, ozoba ngoNovemba 28 kuya kuNovemba 30, 2025."

Uthe bathuka bezwa ngabezindaba ekuqaleni kwale nyanga, ukuthi bahlakaziwe.

"Izintatheli zazifuna siphawule emva kokutshelwa ukuthi ikomiti iPolitburo (PB) lisihlakazile. Safuna incazelo ebuholini bukazwelonke, obabiza umhlangano ngohlelo lwe-Zoom. Ngenxa yokuthi isikhathi sasingenele, akubanga namalungu anele ayezothamela umhlangano ukuze ube khona."

Uthe babe sebethola incwadi evela kuNobhala jikelele, uMnuz Solly Mapaila, ebazisa ukuthi sebehlakaziwe. Wathi lisinqumo sithathwe yikomiti i-PB. 

"Sishaqekile sekumenyezelwa ukuthi sekuqokwe ithimba lesikhashana ekubeni umhlangano okwakumele ubekhona, wagcina ubhuntshile ngenxa yokuphazamiseka. Kodwa siyakwamukela ukuhoxa kwamalungu amaningi abemenyezelwe kuleli thimba."
Lo mhlangano bekumele ube ngempelasonto edlule kodwa wagcina ungabanga khona kanti ngokobuholi obuphezulu kwakungowokuchazela amalungu ngesinqumo sokuhlakaza isifundazwe.

UMthembu uthe:"Siyibona njengemizamo yokudala uqhekeko eyokuqokwa kwethimba lesikhashana kanjalo nemizamo yokuntengisa iKZN. Sifuna uMapaila azokhuluma namalungu akulesi sifundazwe ukuze awacacisele izinto eziningi."

Uhlabe ikhwelo lokuthi akuqiniswe amadlelandawonye ikakhulu ngalesi sikhathi.

"Amalungu awabumbane ukulwa nezinhlelo zabafuna ukudala uqhekeko," kusho uMthembu.

Kuhlukene ukukhuluma ngesinqumo sokuhlakaza iKZN, njengoba ubuholi obuphezulu buthe yingoba bufuna ukuqinisa isifundazwe. Ngakolunye uhlangothi kuthiwa isinqumo sithathwe ngoba iKZN ingahambisani nesinqumo sokuthi iSACP, ingenele ukhetho ngokuzimela ngaphandle kwe-ANC.

Isinqumo sokungenela ukhetho kuthiwa sesidale ukwehlukana njengoba kunamalungu akwiKhabhinethi kaMengameli Cyril Ramaphosa.