UMNUZ Brown Mogotsi ethula ubufakazi bakhe kwiKhomishini kaMadlanga
Image: Oupa Mokoena/Independent Newspapers
UBONDE washiya iphini phakathi usomabhizinisi olandelwa zinkulumo, uMnuz Brown Mogotsi, ngoLwesibili, ethula ubufakazi bakhe phambi kweKhomishini kaMadlanga ephenya ngezinsolo zokugxambukela kosopolitiki, inkohlakalo nobugebengu obenzeka emaphoyiseni.
UMogotsi uze walithola olwakhe usuku phambi kwale khomishini njengoba igama lakhe lanindeka ezinsolweni ezenziwa nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ngoJulayi 6.
Phakathi kwabantu abantu enze izinsolo ezibucayi ngabo uMogotsi; kube wuye uMkhwanazi, owayengungqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, uMkhuzi wamaPhoyisa uGeneral Fannie Masemole kanjalo neSilo uMisuzulu kaZwelithini. Laba baholi sekufanele baphendule ngandlela thile ngezinsolo zikaMogotsi.
UMokgotsi ozibize ngempimpi, utshele ikhomishini ukuthi uMkhwanazi wemukela isamba semali kusomathenda osezikhindini, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala.
“UMatlala wangifonela engaphakathi ejele, edinwe eqhuma, wangibuza ukuthi ngiyakhumbula yini engixoxela ukuthi uhambe wayobona umuntu othile owayezoqeda izinkinga zakhe? Wangitshela ukuthi lowo muntu kwakunguMkhwanazi,” kusho uMogotsi.
Uveze ukuthi umhlangano kaMatlala noMkhwanazi wenzeka emzini kaMkhwanazi eMhlanga, eThekwini.
“Ngamnika okuthile kodwa manje buka ukuthi usekhuluma kanjani ngami,” kuqhuba uMogotsi, ephinda amazwi athe ashiwo uMatlala ocingweni emva kwesithangami sabezindaba sikaMkhwanazi.
UMogotsi uveze ukuthi wayenalo ulwazi oluncane ngalo mhlangano njengoba amlandela uMatlala ngalolo suku ngo-Ephreli, nonyaka.
“Ngambona umuntu aba nomhlangano naye emzini omhlophe, nakuba ngingabonga ukuthi kwakunguMkhwanazi. Ngangizitshela ukuthi kwakunguBheki Cele,” kusho uMogotsi, othe lo mhlangano wawumayelana nezinkinga zikaMatlala eziyamaniswa namathenda emaphoyiseni.
Vusimuzi 'Cat' Matlala
Image: Itumeleng English / Independent Newspapers
Esekuye uMkhwanazi, uveze ukuthi into eyasusa ukushisa kuye aze abize isithangami sabezindaba ukuboshwa kukaMajor General Dumisani Khumalo.
“Yikho sila namhlanje. Ukuboshwa kukaKhumalo kwamdina kakhulu uMkhwanazi,” kusho uMogotsi.
Ubuye waveza nokuthi udaba lwesithangami sabezindaba sikaMkhwanazi kwahlelwa esikhathini esingangesonto ngaphambi kokuba kwenzeke.
Lieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
Image: Thobile Mathonsi / Independent Newspapers
Uthe lokhu kwenzeka ekolishi lamaphoyisa elisePitoli, lapho okwakukhona khona izikhulu zamaphoyisa ezithile okufaka phakathi noMasemola.
“Ngalelo sonto, uMkhwanazi wayehla enyuka ekolishi. Ngisho nesitatimende sabezindaba asifunda ngosuku lwesithangami, sabhalwa ekolishi,” kusho uMogotsi, othe unolwazi olungamaphesenti angu-80 ngalokhu, wathi ngisho nekhompyutha okwabhalwa ngayo lesi sitatimende useyayazi.
Efakaza ngoCele, uthe kwakungunyaka ka-2024 ngesikhathi ethola ulwazi lokuthi uyathinteka emabhizinisini kaMatlala.
ISILO uMisuzulu kaZwelithini
Image: KZN DSAC/ Sphamandla Mbhele
Utshele ikhomishini ukuthi uCele wafuna ngodli u-R10 million kuMatlala, owagcina emnike uR2 million, ngesikhathi uMasemola yena wayefuna u-R25 million kodwa wagcina ethole u-R5 million.
Ngaphambi kwalokho, uMogotsi udalule negama leSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini, ethi sona noMkhwanazi basebenzela i-US Central Intelligence Agency (CIA).
Uthe lolu lwazi walutholwa komunye wemithombo yakhe nokho wavuma ukuthi akanalo ulwazi oluphathekayo ukuqinisa izinsolo zakhe.
Bheki Cele
Image: Bongani Shilubane / Independent Newspapers
Fannie Masemola
Image: Siyabulela Duda/GCIS
Related Topics: