UMUFI uSergeant Mondli Gabisa
Image: SITHUNYELWE
UDEDELWE ngebheyili ka-R1 000 umsolwa wesine ecaleni lokubulawa kwephoyisa laseCato Manor, eThekwini, ngeledlule.
Lokhu kwenzeke eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesibili ngesikhathi abasolwa bevela enkantolo ngenhloso yokuzwa ukuthi bangeyithole yini ibheyili.
Abasolwa uMnuz Thalenta Griffiths Cele (42), Mnuz Philani Maphila Mhlongo (29), umfundi ka-matric uMinenhle Amahle Cele (20) noNksz Nadia Shezi (25) basolwa ngokubulala uSergeant Mondli Gabisa (39).
UGabisa obesesebenze iminyaka esiteshini samaphoyisa eCato Manor, wagwazwa emaflethini akule ndawo ngoNovemba 8. Isidumbu sakhe satholwa amaphoyisa sidindilizile ngaphandle kwamaflethi.
Kuleli cala umsolwa wokuqala, owesibili nowesithathu basolwa ngecala lokubulala umufi bese kuthi owesine asolwe ngelokushaya unkosikazi kamufi owayehamba naye ngosuku lwesigameko.
UMshushisi uMnuz Calvin Govender, utshele inkantolo ukuthi uMbuso uzosiphikisa isicelo sebheyili somsolwa wokuqala, owesibili nowesithathu ngoba babhekene necala elibi, okungelokubulala.
Maqondana nomsolwa wesine uthe, uMbuso awunazinhlelo zokuphikisa isicelo sebheyili ngoba icala lakhe elokushaya, alilibi kangako.
Elandisa ngesigameko uthe ngosuku lwesigameko, umsolwa wesine washaya ngempama unkosikazi kamufi kodwa naye washawa.
UMantshi uMnuz Defrietas ibuzisise ukuthi ubani owashaya umsolwa wesine, uGovender waphendula ngokuthi owashaya umsolwa wesine umufi.
Wenabe wathi ingxabano yaqala phakathi kukankosikazi kamufi nowesifazane, yagcina isingenwa umufi eshaya, wagcina esegwazwa, ebulawa.
“Kubalulekile ukusho ukuthi utshwala babandakanyeka esigamekweni,” kusho uGovender.
UDefrietas ededela umsolwa wesine ngebheyili ka-R1 000, ugcizelele eyokuthi akavumelekile ukuxhumana nommangali (unkosikazi kamufi).
“Awuvumelekile ukukhuluma naye ubuso nobuso, ukumfonela, ukumthinta ngoFacebook noma ngoWhatsapp, awuvumelekile nhlobo ukuthi uxhumane naye,” kusho uDefrietas.
Ube eselihlehlisela uNovemba 28 nonyaka icala ukuze umsolwa wokuqala, owesibili nowesithathu bafake isicelo sabo sebheyili. Uthe nomsolwa wesine kuzofanele eze enkantolo ngalolu suku.
Umufi kulindeleke ukuthi afihlwe emva kwenkonzo yomngcwabo lapho edabuka khona eSeaview e-Eastern Cape ngoMgqibelo.
Related Topics: