INHLOKO yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Nathi Ngcobo
Image: SIGCINIWE
UBHEKENE nengwadla uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ngokungazi noma zizohanjiswa yini izinsiza kufundisa ezikoleni, ngenxa yokuthi abazihambisayo bangase bangavumi ukuzihambisa ngaphandle kokukhokhelwa.
Lo mqansa udalwa wukuthi akukho mali esakhishiwe ukukhokhela lezi zinsiza. Inkampani enikwe umsebenzi wokuzithenga bese izihambisa ezikoleni iNdabase, inikwe igunya lokuthi iqhubeke izithenge kodwa imali yokwenza lokhu ayifakiwe.
Enye inkinga ebhekene nomnyango wukuthi awazi ukuthi uzoyithola nini imvume yokuthi usungakwazi uku-oda izincwadi ngenxa yokuthi kudingeka uthole imvume eMnyangweni kaMgcinimafa esifundazweni.
Inhloko yomnyango uMnuz Nathi Ngcobo, iveze ukuthi babhekene nengwadla ngoba abazi noma lezi zinsiza ziyogcina zifinyelele yini ezikoleni.
UNgcobo uthe basathole imvume yokuthi bathenge i-stationery sangonyaka ozayo kodwa hhayi izincwadi zokufunda.
"Le nkinga izokwenza ukuthi kuvulwe ezikoleni ngaphandle kwezincwadi. Sinemvume yokuthi sithenge i-stationery kuphela, kwasona esizofika emva kwesikhathi ezikoleni. Ingwadla enkulu ngukuthi noma siyitholile imvume yokwenza lokhu, sibhekene nengqinamba yokuthi labo abaziyisa ezikoleni bangase bangavumi ukuzihambisa bengeke basheshe bakhokhelwe. Udaba esilokhu sihlangana nalo noMgcinimafa ngoba ngisho noma zingathengwa, inkinga enkulu wukufinyelela kwazo ezikoleni," usho kanje izolo ekhuluma emhlanganweni wekomiti lezeziMali esiShayamthetho.
Amalungu ekomiti akhale kakhulu ngokuthi abafundi bazovula ngaphandle kwezinsiza zokufunda okuyinto ewumgogodla. Ilungu le-DA uNksz Marlaine Nair, lithe yinkinga enkulu le ebhekene nomnyango.
"Kuyadingeka ukuthi kubekhona umhlangano wale minyango yomibili ngoba yinhlekelele le."
NoSihlalo wekomiti uMnuz Mthandeni Dlungwana, ukhale ngokuthi uMnyango kaMgcinimafa awukho ukuzochaza kabanzi ngokuzokwenzeka ngoba kushaywa indesheni kuwona ukuze ugunyaze umnyango wezemfundo ukuthi ukwazi ukuthenga izinsiza.
UNksz Yali Joyi, umphathi wezezimali eMnyangweni wezeMfundo, uthe kusakhishwe imvume yokuthi kuthengwe i-stationery kuphela kodwa imali yokwenza lokhu ayikho.
Ukhale ngokuthi inselelo yokunganeli kwesabelo somnyango abahlale bekhala ngayo iyona edala ukuthi babe senkingeni.
UMphathiswa walo mnnyango uMnuz Sipho Hlomuka, ukhale ngokuthi bebelindele ukuthola imali njengoba bekwethulwa isabelomali esibuyekeziwe nguNgqongqoshe kazwelonke wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana.
"Akukho mali esisayitholile kuze kube yimanje. Nemali okuthiwa singase siyithole engu-R400 million, ngeke yenze mehluko ezinkingeni esibhekene nazo zemali," usho kanje.
Uthe nendaba yokugunyazwa ukuthi bathenge i-stationery, yaze yenzeka ngenxa yengcindezi yezepolitiki.
Related Topics: