Izindaba

Ayisekwanga ekaMbeki noMotlanthe ekwengameleni i-ANC - Mbalula

Mhlengi Shangase|Published

IZINGWEVU ze-ANC oMnuz Kgalema Motlanthe noThabo Mbeki

Image: Picture: Siphiwe Sibeko/Reuters

I-ANC ichithe ukuthi kunamalungu aphakamise ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, ehle esikhundleni emhlanganweni wesigungu esiphezulu, obungempelasonto.

Lokhu kushiwo nguNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, othe ngamampunge ukuthi  kunabaphakamise lokhu.

Uthe uRamaphosa uveze ukuthi uzwile ukuthi kukhona abathi akahoxe abakhuluma emakhoneni.

"Kunabantu namanje abangamfuni uRamaphosa ngoba bahlulwa ezingqungqutheleni ze-ANC. Akayi ndawo, bayaphupha abasho lokhu. Ubaluleke kakhulu uRamaphosa kwi-ANC," kusho uMbalula.

Uthe uma kungukuthi uyashiya, uyobe udayise ngamalungu amkhetha engqungqutheleni hhayi idlanzana elikhuluma emakhoneni lithi uyahamba.

"Ngeke baphumelele abaphusha umkhankaso wokuthi uyahamba. Ihlandla lobuholi liphela ngo-2027."

UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula

Image: X/ANC

Uthe abasho lokhu bacabanga ukuthi le ndaba izoxoxwa emhlanganweni iNational General Council (NGC), wale nhlangano, ongenyanga ezayo eGoli. Lo mhlangano uzobanjwa kusuka ngoDisemba 8 kuya kuDisemba 12. 

"Lolu daba ngeke luxoxwe emhlanganweni weNGC. Asikafiki isikhathi sokuthi kuvulwe ethinta ubuholi kwi-ANC," usho kanje.

Uthe yidlanzana labantu elithi uRamaphosa akahambe.

"Linye ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uMnuz -Andile Lungisa, elithe akuhlakazwe isigungu esiphezulu senhlangano, bese uMbeki (Mnuz Thabo) noMotlanthe (Mnuz Kgalema), bebamba izintambo zokuhola okwesikhashana. Kwayena uchithiwe njengoba kungekho omesekile kulo mbono wakhe," kusho uMbalula.

Uveze ukuthi emhlanganwweni kuvunyelwane ngokuthi kumele kukhucululwe amazambane abolile emaphoyiseni.

"Kumele kuphenywe ngempilo ephilwa yizikhulu zamaphoyisa. Ziningi izinto ezivelayo ePhalamende nakwiKhomishini kaMadlanga okuthiwa ziyenzeka emaphoyiseni ngakho kumele kuphenywe ngendlela aphila ngayo." 

Uthe bafuna bonke ongqongqoshe abakwiKhabhinethi kubhekwe impilo abayiphilayo.

"Kumele baxoshwe okuyotholakala ukuthi abakwazi ukuphendula ngempilo abayiphilayo. Bonke ongqongqoshe kumele bachaze ukuthi imali bayithathaphi."

Odabeni oluthinta ukuvela enkantolo kwelungu lePhalamende kanjalo nelesigungu esiphezulu se-ANC uDkt Malusi Gigaba ngezinsolo zenkohlakalo ezenzeka esangungqongqoshe wezinkampani zikahulumeni, uthe kumele ahoxe ekwenzeni imisebenzi yenhlangano.

"Kumele ahoxe uGigaba ngoba ubhekene necala lenkohlakalo. Uzokwenza lokho ngaphandle kokuphoqwa," kusho uMbalula.

UGigaba uvele enkantolo yasePalm Ridge izolo ngezinsolo zenkohlakalo ezenzeka kwaTransnet, kuthengwa izitimela. Ubhekene nala macala nababeyizikhulu zakwaTransnet, oMnuz Brian Molefe, Siyabonga Gama, Anoj Singh, noThamsanqa Jiyane. Laba bangaphandle ngebheyili. Icala labo lihlehlele uJanuwari 30, 2026.