EZINYE zezimantshi ngesikhathi zibhikishela imiholo izolo
Image: SITHUNYELWE
ZIZOTHATHA umbhikisho wazo wamaholo amancane ziwuyise ngaphandle kwesikhungo okuzobanjelwa kuso ingqungquthela yamazwe ngamazwe, iG20, eGoli, izimantshi ezikhala ngokuhola amakinati.
Lokhu kuvezwe ngeyaseNkantolo yeMantshi yaseThekwini, uMnuz Scelo Zuma, kulandela omunye umbhikisho owenziwe yizimantshi kule nkantolo izolo ekuseni.
UZuma omele umengameli wenhlangano ebhekelela izidingo zezimantshi, iJudicial Officers Association of South Africa (Joasa), uthe bathatha leli gxathu emva kokubona ukuthi kawuzweli umkhizo ejazini kulabo okufanele baphendule ezikhalweni zabo.
“Emva kombhikisho wethu wokuqala kanjalo nalowo esawenza eNkantolo yezoMthethosisekelo, sibonile ukuthi lokhu esikhala ngakho abakwenzi, yikho sesithi asithathe umbhikisho wethu siwuyise lapho okuzobe kubanjwe khona iG20,” kusho uZuma.
Uthe njengoba babebeke umnqamulajuqu wezinsuku ezithize ukuthi baphendulwe ngazo, bathola impendulo yokuthi izikhalo zabo zizolungiswa ungakapheli uFebhuwari, wonyaka ozayo, wathi kabafuni nakuyizwa leyo, bona bafuna izikhalo zabo zisukunyelwe njengamanje.
“Asazi ukuthi okwani ukubambezela abakushoyo ngoba thina sifuna izikhalo zethu zilungiswe kuwo lo nyaka esikuwo,” usho kanje.
Izolo, kuphazamisekile ukusebenza kwezinkantolo okwejwayelekile njengoba izimantshi zibeke phansi amathuluzi zabhikisha ngesikhathi sokusebenza.
“Izimantshi ebeziqhubeka nokusebenza ilezo ezingamatoho. Lezo eziqashwe ngokugcwele beziwabeke phansi amathuluzi,” kusho uZuma, othe izolo bebejoyinwe ezinye izifundazwe okufaka phakathi iMpumalanga, Limpopo neGauteng.
Uthe nakwezinye izinkantolo - okufaka phakathi ezase-Eastern Cape nezaseWestern Cape - bezineyazo imibhikisho ezindaweni zazo.
Udalule ukuthi lokhu kudideka ababenakho ngaphambi kokuqala kwemibhikisho kokuthi bangena ngaphansi kwaluphi uhlaka, namanje kusekhona.
Uthe lokhu kuze emva kokuthola imbibizane koyinhloko yamajaji ngesikhathi beyobhikisha eNkantolo yezoMthethosisekelo.
Uthe noNgqongqoshe wezoBulungiswa, ohlangane nabo, ukubeke kwacaca ukuthi abekho ngaphansi komnyango wakhe.
“Lokho kusho ukuthi namanje asizazi thina siyizimantshi ukuthi singena ngaphansi kukabani,” kubeka uZuma.
Ngesikhathi Isolezwe liqala ukubhala ngalolu daba, uZuma waveza ukuthi iphelile iminyaka ewu-17 belwela ukwenyuka kwemiholo yezimantshi, wathi uma ekhumbula kahle, zagcina ukunyuselwa imiholo ngo-2007.
Waveza izimo ezishaqisayo ezifana nokuthi ezinye zezimantshi eNingizimu Afrika zibanga nomphakathi amatekisi nezibhedlela zikahulumeni ngenxa yokungakwazi ukwenza zonke izidingo zazo ngomholo omncane eziwuholayo.
Waveza ukuthi isimo sibi ngendlela yokuthi abanye babo uma behlelwa isimo sokugula balala ezibhedlela zikahulumeni. Abanye baya emsebenzini ngamatekisi, wathi lesi yisimo esibeka impilo yabo engcupheni njengoba umsebenzi abawenzayo uyingozi.
Wakhala ngokuthi bathatha izinqumo ezingehli kahle kwabanye abantu, waveza nokuthi ukulala ezibhedlela zikahulumeni nokugibela amatekisi, kubeka impilo engcupheni.
Wadalula ukuthi abafuna kwenziwe ukuthi kwenyuswe imiholo yabo njengoba unyaka nonyaka kuhlale kuphuma izincomo zokuthi kwenzeke lokho, wathi bafuna nokuthi bathole nemihlomulo efana ne-medical aid, isibonelelo sendlu, esemoto kanjalo nekhadi likaphethroli, okuyinto athi bayizwa ngendaba.
Related Topics: