I-ANC ithe uDkt Malusi Gigaba uzohoxa ekwenzeni imisebenzi yenhlangano ngoba ubhekene namacala enkohlakalo
Image: SIGCINIWE
I-ANC ilindele ukuthi ilungu lePhalamende nesigungu esiphezulu sale nhlangano, uDkt Malusi Gigaba, lihoxe emsebenzini kaKhongolose ngenxa yokuthi libhekene namacala enkohlakalo.
UGigaba uvele ngaphambi kweNkantolo yasePalm Ridge, ngoLwesibili, ngezinsolo zenkohlakalo ezenzeka kwaTransnet, kuthengwa izitimela. Ngaleso sikhathi wayengungqongqoshe eMnyangweni owengamele iziNkampani zikaHulumeni.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe balindele umbiko ogcwele odabeni lukaGigaba.
"Kuzomele ahoxe uGigaba ngoba ubhekene namacala enkohlakalo. Uzokwenza lokho ngaphandle kokuba aphoqwe," kusho uMbalula ekhuluma esithangamini sabezindaba emva komhlangano wesigungu esiphezulu obungempelasonto, eGoli.
UGigaba uvele kule nkantolo nababeyizikhulu zakwaTransnet, oMnuz Brian Molefe, Siyabonga Gama, Anoj Singh noThamsanqa Jiyane. Laba bangaphandle ngebheyili. Icala labo lihlehlele uJanuwari 30, 2026.
I-ANC inomgomo wokuthi wonke amalungu abekwe amacala abucayi, ukuthi ahoxe emisebenzini yenhlangano aze atholwe emsulwa.
Related Topics: