UNKK Lungile 'MaMkhize' Mkhwanazi
Image: SITHUNYELWE
USULINDE imiphumela yolibofuzo umndeni wowesifazane waseMkhobose, eMpangeni, owagcina ukubonwa ephila eyohlangana nomngani weminyaka enxanxatheleni yezitolo eSikhaleni, ngasekupheleni kuka-Okthoba.
Isidumbu sikaNkk Lungile "MaMkhize" Mkhwanazi (43) sitholwe sintanta ngesaka ebesigxishwe kulo emfuleni uMlalazi, ngaseMthunzini, ngoLwesihlanu.
Ngokusho kukamfowabo kamufi, uMnuz Nkosikhona Mkhize, isidumbu sitholwe ngabesilisa abebeyodoba, babikela umphakathi namaphoyisa.
“Izihlobo ezihambile zayosibheka isidumbu namuhla (esho izolo), zibuye zithi uye. Kukhona izitho zomzimba ezibone ngazo ukuthi uyena,” kusho uMkhize.
Nokho uthe ngoba isidumbu bese sonakele kakhulu, amaphoyisa athe kufanele kwenziwe ulibofuzo ukuze kuqinisekiswe ukuthi banikwa isidumbu okungesihlobo sabo ngempela.
Uthe namanje basabukhalela ubulungiswa ngecala njengoba benomuzwa wokuthi amaphoyisa aseSikhaleni enzelela umsolwa owaziwayo.
“Ngesikhathi uLungi ephuma ekhaya ngasekupheleni kuka-Okthoba, washo ukuthi usayohlangana nomngani enxanxatheleni yezitolo amgagula ngegama. Kwathi uma engasabuyi, sekuyobikwa umuntu odukile emaphoyiseni, kwayobhekwa amakhamera enxanxathela, amveza uLungi engena emotweni yalona wesifazane,” kusho uMkhize.
Uthe lona wesifazane uke washaqwa ngamaphoyisa kodwa abuye amdedela engazange avele ngisho nasenkantolo, wathi kuvela ukuthi wabuzwa ukuthi uphi uNkk Mkhwanazi kodwa lona wesifazane waphika walala ngomhlane ukuthi bake bahlangana.
“Uphika nje, amakhamera ayakhombisa ukuthi lokhu akushoyo kungamanga. Yikho sithi thina wuye owazi konke ngokuthi kwenzekeni kuLungi,” usho kanje.
Uveze ukuthi bewumndeni bayakhala ngokusebenza kwamaphoyisa ngoba bakholelwa ekuthi kunobufakazi obuqinile bokuthi umngani uyazi ngokubulawa kukamufi, wathi bezwe ngandlebenye ukuthi lona wesifazane uthandana nephoyisa elingaphakathi kulesi siteshi okwenza bakholelwe ekutheni yikho enzelelwa.
Uthe abukho ubutha ebebebazi phakathi kukamufi nomsolwa njengoba bebengamathe nolimi kusukela befunda isikole.
“Nokho sisola ukuthi umbulalele isamba semali ebesingene ebhange likaLungi njengoba ephunyelwe yimali yomyeni oboshiwe obeyiphoyisa,” kusho uMkhize.
Uthe iphoyisa eliwumyeni kamufi, lesula emsebenzini ngaphambi kokuba likhalelwe amasongo kaSigonyela.
“Leyo mali ikhishwe kuso lesi sikhathi uLungi enyamalele. Sisola yena umngani wakhe ukuthi wuye obekhipha le mali. Kungenzeka ukuthi wayemxoxele ukuthi ulinde imali yomyeni wakhe, wase ebona ukuthi akamenzakalise,” kusho uMkhize.
Udalule ukuthi umsolwa unobugebengu njengoba nomyeni wakhe wabulawa ngendlela engaqondakali maqede kwasolwa yena.
Uthe bayabufuna ubulungiswa ngokubulawa kukadadewabo ngesihluku.
Related Topics: