USIHLALO wekomiti lezokhetho kwi-ANC uMnuz Kgalema Motlanthe
Image: X
LIZOGAYA ngomunye umhlathi kwabafuna ukuba amakhansela kwi-ANC njengoba bebekelwe imigomo eqinile, ebandakanya ukuba no-matric nesipiliyoni. Abafuna ukuba yizimeya, osomlomo kanjalo nosotswebhu komasipala, kudingeka babe neziqu zasezikhungweni zemfundo ephakeme, kuphinde kubhekelwe intsha. Abazokhankasa ngemali batshelwe ukuthi bazoxoshwa enhlanganweni.
Le migomo nesexwayiso imenyezelwe nguSihlalo wekomiti lezokhetho kwi-ANC, uMnuz Kgalema Motlanthe, esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko eGoli.
"Uma uzoba yikhansela sidinga u-matric nesipiliyoni ukuze uwenze ngendlela efanele umsebenzi. Asibafuni abake balahlwa amacala okubalwa nathinta ipolitiki. Nalabo abake balahlwa amacala yikomiti eliqondisa ubugwegwe ngeke bavunyelwe ukuthi bakhethelwe ekubeni amakhansela," usho kanje.
Uthe abesifazane kumele babe ngu-50% kuya phezulu.
Uveze nokuthi kumele bazi nomlando kaKhongolose, babe nolwazi ngezithinta uhulumeni nokuthuthukiswa komnotho.
"Amagatsha e-ANC kumele abambe iqhaza uma sekuphakanyiswa abantu abane abazoba amakhansela. Uhlelo lokuphakamisa abazoba amakhansela kumele luqale ngoFebhuwari, ngonyaka ozayo," kusho uMotlanthe.
Uthe abaphakanyiswe amagatsha kumele bethule abaphakanyisiwe emhlanganweni womphakathi, bese igatsha likhetha ozoba yikhansela lewadi.
"Abafuna ukuba yizimeya nezinye izikhundla komasipala kumele babe nesipiliyoni seminyaka emithathu sokuba amalungu eziShayamthetho, amalungu ePhalamende noma amakhansela. Izimeya zomasipala abakhulu abaziwa ngamaMetro kanjalo nabanye omasipala abasemadolobheni amakhulu, zizoqokwa abaholi abaphezulu be-ANC emva kokubheka emagameni abantu abathathu okuzohlungwa kubona. Indaba yobulili izobhekwa."
Uveze nokuthi ezimeyeni zomasipala abancane, ubuholi bezifunda buzophakamisa amagama abantu abathathu, buwayise ebuholini besifundazwe.
"Oke waba yimeya amahlandla amabili ngeke avunyelwe ukungenela umbango. Emagameni aphakanyisiwe, amabili awo kumele kube awabantu besifazane. Ngaphambi kokuba abaholi besifundazwe nabazwelonke banqume ngabazobathatha, kumele babe sebephonswe imibuzo yikomiti elihlanganisa amalungu esigungu esiphezulu esifundazweni nakuzwelonke."
Intsha ayisalanga ngaphandle njengoba u-30% kumele kube abaphakathi kweminyaka engu-25 no-35. Abaneminyaka engu-36 kuya ku-40, kumele babe ngu-10%.
UMotlanthe uthe abantu abaphila nokukhubazeka nabathandana nobulili obufana nobabo kumele bangashiywa ngaphandle kulolu hlelo.
Uveze nokuthi abakhankasayo bangasebenzisa izinkundla ezehlukene zokwenza lokhu okubalwa nezinkundla zokuxhumana kodwa bangangcofi ozakwabo abasembangweni nabo ngoba bazochithwa.
"Akuvumelekile ukuthi kugaywe izikibha noma kube nezingqwembe ezinobuso bokhankasayo.
Related Topics: