UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana, uzakwabo wezobuDlelwano namaZwe oMhlaba uMnuz Ronald Lamola noNdunankulu waseGauteng uMnuz Panyaza Lesufi, besesithangamini nabezindaba ngamalungiselelo eG20 eGoli
Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers
KUGXEKWE abantu bakuleli abasemkhankasweni wokwenza okuphambene ukuze ungabi yimpumelelo umhlangano wamazwe ayingxenye yeG20, ozobe uhanjelwe abaholi bamazwe ahlukene ngempelasonto eGoli.
Laba bantu kuthiwa bacekela phansi yonke into eyenziwe ukulungiselela lumhlangano oseNasrec.
Abanye kuthiwa bakhala ngokuthi kubanjwa umhlangano kodwa abantu babhuqwa yindlala.
"Kunabantu abangeneme ngokuthi umhlangano uzoba kuleli. Bacekela phansi impahla, kungaba amarobhothi nayo yonke nje ingqalasizinda elungisiwe. Inhloso ngukuthi lo mhlangano ungaphumeleli noma uthathwe njengento engathi shu," kusho uNdunankulu waseGauteng uMnuz Panyaza Lesufi izolo.
Ukhulume kanje ngesikhathi kunesithangami nabezindaba mayelana nezinhlelo zomhlangano okungokokuqala uba kuleli.
Uthe baqinise ezokuphepha ukuze ingaphazamiseki le ngqophamlando yomhlangano.
NoNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana, uhambe emazwini kaLesufi, wathi kunabahlale bebakhumbuza ukuthi kubhoke indlala kuleli njengoba kuzoba nomhlangano.
"Siyazi ngodaba lwendlala ebhokile kuleli. Yinto esiyisukumele kakhulu njengoba nakwisabelomali, luyinto eseqhulwini ezintweni esizenzayo," kusho uGodongwana.
Uthe abantu bakuleli yibona abababeke phambili wathi kodwa kuyadigeka kwakhiwe amaxhama okuxhumana namanye amazwe.
IMelika yaduba umhlangano phezu kokuba kumele yamukele isikhundla sokuba usihlalo wawo ngonyaka ozayo.
UNgqongqoshe wezobuDlelwano namaZwe oMhlaba, uMnuz Ronald Lamola, uthe sebejwayele ukugxekwa uma kulungiselelwa imicimbi emikhulu kuleli.
Uthe kukhona ababeshaya amakhala nangesikhathi kuyiwa okhethweni bengakholwa uma betshela abantu ukuthi indaba yokucishwa kukagesi ngeke isenzeka.
"Babethi sisho lokho ngoba senzela ukhetho kodwa manje sekuphele unyaka ugesi ungacishwa. Yinto esesiyijwayele ukuthi uma silungisa izinto kuthiwa sisuke senzela imihlangano noma imicimbi emikhulu," usho kanje.
Uthe mane amazwe aveze ukuthi azoba yingxenye yalo mhlangano kodwa omengameli bawo bazobe bengekho.
Uthe yinto ejwayelekile ukuthi amazwe angamelwa omengameli kodwa amelwe ongqongqoshe abahlukene.
"Amazwe azobe engamelwe omengameli yiRussia, Mexico, Argentina neChina. IMelika yasho kudala ukuthi ayizi, ngakho akekho esizobe simlindele ovela khona."
Uthe sebebe nemihlangano eyevile ku-130 kulo nyaka ngaphambi komhlangano wabaholi ngempelasonto.
Ezinye zezihloko okuxoxwe ngazo ezizodinga abaholi bamazwe ukuthi bavumelane ngomkhombandlela kuzona, kubalwa ukuthuthukiswa komnotho, ukubhekana nezinhlekelele emhlabeni, izinselelo ezithinta uhlelo lokudla, ukuguquguquka kwesimo sezulu nokunye.
UGodongwana noLamola bathe umhlangano ufike ngesikhathi elakuleli litshengisa ukusimama emnothweni nozinzo kwezithinta ugesi nokunye.
ULamola ubuye waveza ukuthi abasafuni kube namanye amabhanoyi azoza kuleli ethwele abantu basePalestine.
Usho lokhu emva kokufika kwendiza eyayithwele abantu basePalestine ababalelwa ku-150 ngeledlule, eyahlala e-OR Tambo isuka eKenya.
"Sikhathazekile ngalesi sehlakalo yingakho sekunophenyo ngaso. Asifuni kube nabanye abasePalestine abazotheleka ngezindiza beze kuleli."
Uthe basola ukuthi inhloso ngukuthi kuchithwe abantu basePalestine eGaza naseWest Bank, okuyinto elakuleli elingahambisani nayo.
ULesufi uveze ukuthi amahhotela namabhanoyi kugcwele, wathi enxanxatheleni yezitolo kugcwele abavakashi.
"Sizimisele ukwamukela abanye abavakashi, kunyuke nomnotho wezwe ngenxa yalo mhlangano. Yonke into isimi ngomumo."
Related Topics: