Izindaba

Indida ngobulawe evala esitolo

Nkosikhona Cele|Published

UDIDEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, obulawe ngoyaba lwezinhlamvu

Image: SIGCINIWE

UDIDEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okuthiwa uthelwe ngoyaba lwezinhlamvu evala esitolo sakhe.

Obulewe, uMnuz Mzwandile Nene (45), kuthiwa udutshulwe ngabesilisa abangaziwa waphelela khona lapho.

Owomndeni ocele ukungadalulwa, uthe abadubule umufi behle emotweni eyiVW Polo empunga bangabuza lutho bamane, bavulela ngenhlamvu kumufi.

"Abantu besilisa abamdubulile kuthiwa bebebane. Kuthiwa behle emotweni ngesikhathi umufi esevala esitolo sakhe. Ibuhlungu le nto eyenzekile," kuchaza owomndeni.

Udadewabo kamufi okhulume neSolezwe, uNksz Zanele Nene, uthe lesi sigameko sibashiye bethuthumele, wathi badunguza ebumnyameni ngokubulawa kukamfowabo.

"Asazi ukuthi ngempela laba bantu abenze le nto bayenzeleni. Sididekile futhi siyazibuza siyaziphendula ukuthi ngempela kwenzekeni," usho kanjena.

Uveze ukuthi usitolo siqhelile kancane nasekhaya.

"Laba bantu bebazi kahle ukuthi isitolo siqhelile nasekhaya yingakho nje bekwazile ukuthi benze le nto ngokukhululeka. Ngeke sithule, sifuna ukuthola ukuthi wobani abenze lokhu," usho kanjena.

Eqhuba, ukhale ngesihluku abulawe ngaso umfowabo.

"Ziningi izinhlamvu abulawe ngazo. Kungathi bebebulala isigebengu esidala ekubeni kungenjalo," echaza.

Uthe akukho okuyizinsongo umfowabo ake azithola esadla anhlamvana.

"Angikhumbuli nangelilodwa ilanga umfowethu esitshela ngezitha. Simangele kabi ukuthi ubani owenze le nto futhi eyenzelani. Miningi imibuzo esinayo mayelana nalesi sigameko," usho kanjena.

Uveze ukuthi umfowabo ubeziphilisa ngesitolo kuphela.

"Imali yalesi sitolo ibisiza yena iphinde isize nomndeni wethu. Silimele kakhulu ngokubulawa kwakhe," echaza.

Omunye umthombo weSolezwe uveze ukuthi umufi utshele ingoduso yakhe emasontweni edlule ukuthi kunabantu abafisa ukumbulala kodwa wangayikhipha ingonyuluka ephelele ngenkulumo yakhe.

"Asazi kodwa lokhu akutshele ingoduso kuveza ngokusobala ukuthi kukhona abekwazi kodwa engathandi ukukhuluma ngakho," echaza.

Ingoduso kamufi ecele ukuba lingadalulwa igama layo ephepheni, ikuvumile ukuthi umufi kukhona ayitshele khona okumayelana nabafuna ukumbulala.

"Ngisale ngimangele ngesikhathi engitshela ngalokhu. Kuthe uma ngimbuza wathi akathandi ukungena agxile kulolu daba. Ushona nje, bengisafuna ukuthi ngiphinde ngimbuze ngalokhu angitshele khona," isho kanjena.

Kuvela ukuthi abambulele bebekade bezifihlile ebusweni.

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal akuqinisekisile ukubulawa kukaNene.