Owesifazane ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala indodakazi
Image: Sigciniwe
UGIXATSHEZWE ngesigwebo sikadilikajele owesifazane waKwaMashu ngecala lokubulala indodakazi yakhe eyayineminyaka engu-14.
Inkantolo yesiFunda yaseNtuzuma imgixabeze ngodilikajele uNksz Ncamisile Evarista Hlophe ngecala lokubulala indodakazi yakhe, uLuvuyo Tafadzwe.
Ngokwesitatimende samaphoyisa lesi sigameko kuvela ukuthi senzeka kwaD KwaMashu ngoJulayi ngonyaka odlule futhi sashiya umphakathi uthuthumela.
Ngakusasa ekuseni owesifazane watshela amaphoyisa ukuthi indodakazi yakhe ibixinwe kabi yikhanda yaphuza imithi ngaphambi kokuba ilale.
Umufi kuvela ukuthi watholakala edindilize phezu kwedamu legazi futhi enenxeba ngemuva ekhanda.
Unina wathi wamfica eseshonile ekuseni ngesikhathi ethi uyomvusa ukuze aye esikoleni. Watshela amaphoyisa ukuthi umufi uzilimaze yena kabi ngesikhathi ewa phansi embhedeni.
Ngesikhathi kuhlolwa isidumbu kwatholakala ukuthi akushoyo kuyaphambana futhi akusilona iqiniso.
Amaphoyisa ayekhuluma nomakhelwane athi bawatshela ukuthi bamuzwa umufi encenga unina ukuba angambulali.
Uphenyo lwaveza ukuthi unina wayethathe imishwalense eminingi nje impela egameni likamufi. Ngaphambi kokuba abulale umntanakhe kuthiwa waqale waxhumana nabemishwalense ebheka ukuthi ngabe seyivuthiwe yini nokuthi usengahlomula yini kuyona uma kwenzeka ishona indodakazi yakhe.
Wagcina esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngemuva kophenyo olunzulu lwamaphoyisa.
Enkantolo owesifazane wagcina esegonyuluka wavuma ukuthi wayibulala indodakazi yakhe ngenxa yemishwalense.
Ngesikhathi kuqhubeka icala umphakathi ubujwayele ukufika ubhikishe ngaphandle kwenkantolo. Inkantolo yakwamukela ukuvuma kwakhe icala.
UMshushisi uSibongiseni Goodenough Mtetwa waletha uyise kamufi ukuba azothula ubufakazi enkantolo. Watshela inkantolo ukuthi lona bekunguzinyobulala wabo. INPA ikwamukele ukugwetshwa kowesifazane.
Kugwetshwa owesifazane nje sengathi usuyanda manje umkhuba wabesifazane abagwetshwa belahlwe amacala okubulala izihlobo ngenxa yemali yomshwalense.
Related Topics: