Izindaba

Uboshiwe umfundi 'oshise omunye ekhwelezela isoka elinguthisha'

Zimbili Vilakazi|Published

Uboshiwe umfundi osolwa ngokushisa omunye

Image: Sigciniwe

UKHALELWE amasongo kaSigonyela ngoLwesine, umfundi wasesikoleni iSiphondweni High, eJozini, osolwa ngokushisa ngamanzi abilayo omunye, ekhwelezela isoka elinguthisha.

Lokhu kuvezwe wumndeni kamgilwa ngoLwesihlanu. 

Kulesi sigameko, kuthiwa umfundi ka-matric, u-Andiswa Jobe (18) wabhunyelwa ngamanzi abilayo ngomunye umfundi abefunda naye ngoNovemba 6.

Kuthiwa umsolwa wayesola umgilwa ngokuthi uthandana nothisha ofundisa kuso lesi sikole oyisoka lakhe. 

Umgilwa, ophazamiseke ekubhaleni izivivinyo zakhe, kuthiwa usaqhubeka nokulashwa esibhedlela iNgwelezane. 

Umalume kamgilwa, uMnuz Sphiwe Vilane, uthe nakuba bekujabulele ukuthi umsolwa ushaqwe ngamaphoyisa kodwa basakhala ngokuthi umuntu oshayeke kakhulu ngesigameko umgilwa.

“Okokuqala; uphazamiseke unomphelo ezifundweni zakhe. Njengoba kukhona izifundo angasazibhalanga, kusho ukuthi lo nyaka ufane neze leze kuyena ngoba ufundele ubala,” kusho uVilane.

Uqhube wathi okunye okunzima ukuthi umgilwa usalokhu esezinhlungwini esibhedlela.

Uthe ukwedluliselwa kwakhe kulesi sibhedlela asekuso, kulandela ukubona kwesibhedlela sendawo ukuthi isimo sibucayi, kukhomba ukuthi wayelimele kakhulu.

“Ngakolunye uhlangothi, umsolwa yena ubeqhubeka nokubhala ezakhe izivivinyo emva kwesigameko. Siyazi ukuthi njengoba eboshiwe, uphinde akwazi ukuqhubeka nokubhala ngisho esevalelwe. Okusho ukuthi eyakhe imfundo kayithikamezekanga ngalutho,” usho kanje.

Udalule ukuthi umsolwa uke wathwala kanzima esikoleni kulandela isigameko.

Uthe emva kokuthi isikole singamthathelanga zinyathelo, abafundi bavele bamngenela ngenduku, bethi ngeke bakwazi ukufunda nomfundi owenzakalise omunye.

“Kuze kwaphoqa ukuthi angabe esaqhubeka nokukhempa nabanye abafundi ngaphakathi esikoleni njengoba kuqhubeka ukuzilolongela izivivinyo,” kusho uVilane.

Uthe isikole siphinde samcelela ukuthi izivivinyo zakhe azibhalele kwesinye isikole esingumakhelwane, wathi kwenzeka lokhu nje, nomphakathi ubuvutha ungabaselwe ungayekile ukubhikisha ngaphandle kwesango lesikole, uzwakalisa ilaka lawo, njengoba ubufuna isikole simthathele izinyathelo umsolwa.

Uthe basamile nasekutheni bafuna uMnyango wezeMfundo umthathele izinyathelo uthisha oyimbangela yesigameko.

“Umthetho uthi othisha abangabi nobudlelwano bezothando nabafundi. Lona ufike esikoleni sethu wamosha. Ngale kokuthandana nomsolwa, kunenqwaba yabafundi athandana nayo, abanye waze wabakhulelisa,” usho kanje.

Uthe emva kwesigameko, bathole ukuthi uthisha waqale wafundisa ngakubo KwaNongoma kodwa wahanjiswa yinkinga efanayo.

Uthe ngaseJozini, usefundise ezikoleni ezimbalwa ngaphambi kokuza kulesi, wathi nakuzo ubehanjiswa yikho "ukudoba kubhasikidi". 

Ngosuku lwesigameko, kuthiwa umgilwa wayesalele ngesikhathi umsolwa embilisela amanzi ngeketelo, maqede wamthela ngawo. Kuvela ukuthi washa ezindaweni ezibucayi.