Sipho Hlomuka
Image: SITHUNYELWE
KUXWAYISWE abafundi abazophothula ukubhala izivivinyo zika-matric, ukuthi bangalinge bahambele imicimbi yokujabulela ukuqeda ukubhala, eyaziwa ngama-pens down.
Lesi sexwayiso sikhishwe nguMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, njengoba iningi labafundi abenza u-matric, liphothula lezi zivivinyo kuleli sonto. Idlanzana lizophothula ukubhala ngelizayo ngezifundo iMaritime Sciences ne-Agricultural Management.
UHlomuka ugagule uhlobo lwale micimbi, wathi luyaphazamisa.
"La maphathi adala ukuphuzwa kotshwala, ukucekelwa phansi kwempahla nokuziphatha budlabha kwabafundi. Abanye badabula babhale imifaniswano yabo, bangazihloniphi," kusho uHlomuka.
Uthe noma ekuqonda ukuthi abafundi basuke bevala esinye isahluko empilweni yabo kodwa kubalulekile ukuziphatha ngendlela efanele.
"Kula maphathi kujwayele ukuthi kube nezehlakalo ezingezinhle ezidala usizi lwangunaphakade. Yingakho sinxusa abafundi ukuthi bagawule babheke, babeke phambili ukuphepha."
Unxuse abafundi ukuthi bayibeke imifaniswano yabo ukuze banikele ngayo kwabayidingayo.
"Sihlaba ikhwelo lokuthi bayigcine ikahle, bayiyise ezikoleni uma sebeyolanda imiphumela yabo ka-matric ngonyaka ozayo. Izitatimende zabo bazozilanda ezikoleni ngoJanuwari 13, 2026. Sicela nabazali ukuthi basize ekutheni le mifaniswano igcinwe isesimweni ukuze kunikelwe ngayo," kuqhuba uHlomuka.
735 Parktown High School for Girls near Johannesburg matric students who finished writing their exams left their shoes behind to be donated to needy student in the following year. 261112 Picture: Boxer Ngwenya KUNXUSWA abaqeda ukubhala u-matric kuleli sonto, ukuba banikele ngemifaniswano yabo yesikole kunokuthi bayicekele phansi
Image: SIGCINIWE
Uthe bafuna ukuphothula unyaka ngaphandle kwezehlakalo ezimbi njengoba okwamanje izinto zisahamba kahle.
NoKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, uxwayise abafundi ukuthi bangazibandakanyi nala maphathi ngoba bazobhekana nengalo yomthetho.
Ekhuluma muva nje kwethulwa izinhlelo zokuphepha ngamaholidi kaDisemba, uMkhwanazi uthe amaphoyisa azobe ematasa ngalesi sikhathi engathi nsi kwabaphula umthetho.
Wakhala ngokuthi le micimbi kayipheli kahle njengoba kuphuzwa utshwala, kudliwe izidakamizwa bese kokunye kuphume izidumbu. Uxwayise abazali ukuthi bagade izingane zabo zingaphambani nomthetho ngoba amaphoyisa azobe elandela umthetho.
Related Topics: