Izindaba

Kukhalwa ngokwebiwa kwemfuyo kubulawa ababanjwe nenyama

Zimbili Vilakazi|Published

Kubulawe abantu abane eNanda esigamekweni okusolakala ukuthi simayelana nokwebiwa kwemfuyo

Image: Sigciniwe

UVEZA ukuthi ubusuphelile amasela eba imfuyo umphakathi waseMatata, eMaphephetheni, eNanda, kulandela ukubulawa ngesihluku kwabane abasolwa ngokweba imfuyo ngoMgqibelo.

Kulesi sigameko okuthiwa senzeke kusempondo zankomo ngoMgqibelo, kushiswe abane ezimotweni ezimbili okusolwa ukuthi kuthwalwa ngazo inyama yezinkomo ezebiwe. 

Ngokuthola kweSolezwe, abathathu bashiselwe emotweni eyi-7 seater, kwathi oyedwa washiselwa evenini.

Umthombo weSolezwe ofike endaweni yesigameko sesenzekile, uthe batshelwe ukuthi kukhona ababhadame iveni endaweni yesigameko, linabesilisa ababili.

“Kuthiwa babavimbezele lapho, bebabuza ukuthi benzani kule ndawo ekuseni kangaka futhi bangobani, abavela kuphi?” kulanda umthombo. 

Uthe laba besilisa bavele bankwankwaza, abasolwa base besesha iveni, bazithela phezu kwenyama yenkomo ilayishwe phakathi.

“Yilapho kuthiwa kusuke khona esinamathambo, abasolwa kubacacela ukuthi ngamasela ezinkomo lawa,” kusho umthombo.

Uthe akuqondakali ukuthi laba ababili bababize nini ozakwabo njengoba kuvele kwaqhamuka i-7 seater ebinabesilisa abane, abavele baqhumisa isibhamu. 

“Asazi kwenzekeni ngoba igcine ishiswa imoto nabanye phakathi,” kusho umthombo.

Uthe bezwe kuthiwa babili abagcine bekwazi ukuphunyula babaleke njengoba kugcine kushiswa abane.

Umthombo ukhale ngokuthi buningi kakhulu ubugebengu bokwebiwa kwezinkomo, zibulawe bese kuthathwa inyama. 

“Le nkinga iqale eminyakeni edlule. Izinkomo beziyiswa emadlelweni, kuthi uma seziyolandwa, kuficwe ngezikhumba zodwa namanqina, sezibulewe, yathathwa yonke inyama,” kusho uthombo.

Utshele iphephandaba ukuthi akuzona zodwa izinkomo ezebiwayo kule ndawo njengoba nezimbuzi zabantu seziphelile amasela. 

“Okwazo ke kunzima kakhulu ngoba bavele bazifake emotweni zibe yinqwaba, bayishaye izule,” kusho umthombo. 

Uthe ababulewe ngabantu abangaziwa endaweni.

Uqhube ngokuthi okwamanje ubengakaqhamuki umuntu wendawo othi untshontshelwe izinkomo eziyamaniswa nesigameko sakamumva. 

Ikhansela lendawo, uMnuz Makhosini Luthuli, lithe sibathusile isigameko.

ULuthuli uthe indawo ike yaba nayo inkinga yokwebiwa kwemfuyo phambilini.

“Kodwa bese kwehlile, zingaseningi izigameko zokwebiwa kwayo,” kusho uLuthuli.

Uthe basola ukuthi into eyenza buqale phansi lobu bugebengu ukuthi sekusondela amaholidi kaKhisimusi.

“Noma ukuba khona kwemakethe yezindawo ezishisa inyama ngoba siyezwa ukuthi - ezinye zazo - zithenga inyama ebantwini abafana nalaba,” kusho uLuthuli.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aphansi phezulu athungatha abasolwa ngokushisa ababulewe.

“Amaphoyisa aphenya amacala amane okubulala kulandela ukutholakala kwabane beshiswe ezimotweni ezimbili eMatata, eNanda, ngoMgqibelo,” kusho uNetshiunda. 

Uthe amaphoyisa athole umbiko, uwabizela endaweni yesigameko, kwathi uma efika athola oyedwa eshiselwe emotweni iNissan NP200, kwathi izidumbu zabathathu zatholwa kwiTiyota Rumion, nazo zishe zangqongqa.

“Amaphoyisa athole izikhumba zezinkomo ezintathu eduze kweNP200,” kusho uNetshiunda.

Uthe imbangela yokubulala ayikaziwa kodwa amaphoyisa ayasola ukuthi ihlangene nobugebengu bokwebiwa kwezinkomo. 

Uthe uhlelo lokuqinisekisa abagilwa luyaqhubeka kanjalo nolokucingwa kwabasolwa.