Owesifazane owayeyiphoyisa ugwetshwe iminyaka eyisishiyagalombili ejele ngokunukubeza indodana ngokocansi
Image: Itumeleng English/African News Agency (ANA)
Owesifazane owayeyiphoyisa ugwetshwe iminyaka eyisishiyagalombili ejele yiNkantolo eNkulu yaseMiddelburg ngecala lokunukubeza ngokocansi indodana yakhe wayiqopha ngoba eyalelwa wumelaphi wendabuko owayethembise ukumelapha.
Lona wesifazane (42) kuthiwa wayebhekene nezinkinga wase efuna usizo kumelaphi wendabuko ngo-2020.
“Umelaphi wamyalela ukuthi ageze indodana yakhe eneminyaka engu-12 ngomuthi bese eya nayo ocansini okuthiwa kwakuyindlela yokukhipha imimoya emibi,” kusho okhulumela iNPA eMpumalanga, uMonica Nyuswa.
Uthe umelaphi wamyalela ukuthi akuqophe ayekwenza bese emthumelela i-video.
Emuva kwalokho umelaphi wazama ukuqola imali lona wesifazane esabisa ngokuthi uzodedela i-video.
“Ngo-2023 umsolwa watshelwa ukuthi uvulelwe icala emuva kokubonakala kwe-video ezinkundleni zokuxhumana. Enkantolo umsolwa uvume icala wenza isivumelwano sesigwemo noMbuso ngokwesigaba 105A seCriminal Procedure Act 51 ka-1977. Wathi akazange amnukubeze umgilwa kodwa kwaba wumfanekiso njengokuyalelwa wumelaphi.”
Ngesikhathi egwetshwa, inkantolo ibheke ukuthi uvume icala, ubambisane namaphoyisa njengoba azinikela yena, wakhipha ingonyuluka futhi ubesetoke iminyaka emibili elinde icala.
Ulahlwe ngamacala amathathu okuwukuhlukumeza ngokocansi, ukukhiqiza izithombe nama-video ocansi olubandakanya ingane nokuthokakala nemifanekiso yocansi ehlanganisa ingane.
Ube esenikezwa iminyaka engu-10 ngecala lokuqala, iminyaka emibili yalengiswa iminayaka emihlanu uma engatholakali esephutheni elifanayo.
Ecaleni lesibili ugwetshwe iminyaka emibili kwathi kwelesithathu wagwetshwa emibili. Izigwebo emacaleni esibili nelesithathu uyalelwe ukuthi azidonse kanyekanye nesokuqala okwenze wathola iminyaka eyisishiyagalombili ejele. Kuthiwa akasavumelekile ukuphatha isibhamu.
Related Topics: