UNGQONGQOSHE wezobuDlelwano namaZwe oMhlaba, uMnuz Ronald Lamola
Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers
BASOLA umkhankaso wokususa abantu basePalestine eGaza, ngokugasela kwebhanoyi elahlala kuleli, lithwele abantu ababalelwa ku-150 basePalestine.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezobuDlelwano namaZwe oMhlaba, uMnuz Ronald Lamola, esithangamini sabezindaba ngamalungiselelo omhlangano wamazwe ayingxenye yeG20, eNasrec eGoli, ngoMsombuluko. Le ndiza ihlale esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo, eGoli ngeledlule. Kuqubule imvunge ngokuhlala kwaleli bhanoyi lithwele abebesuka ePalestine.
ULamola uthe abasafuni kube namanye amabhanoyi azoza kuleli ethwele abantu basePalestine.
"Sikhathazekile ngalesi sehlakalo yingakho sekunophenyo mayelana naso. Asifuni kube nabanye abasePalestine abazotheleka ngezindiza beze kuleli."
Uthe basola ukuthi inhloso ngukuthi kuchithwe abantu basePalestine eGaza naseWest Bank, okuyinto elakuleli elingahambisani nayo.
Uqhube wathi la bantu abasuswa ePalestine, abalethwa kuleli kodwa bayiswa nakwamanye amazwe.
"Uma sekuphothulwe uphenyo, siyokwazisa umphakathi. Esikwaziyo nje okwamanje ngukuthi babengenazo izimvume ezidingekayo zokuthi babe kuleli kodwa yinto esaphenywa."
La bantu baqale bagcinwa isikhashana ngaphambi kokuba badluliselwe kwiGift of the GIvers ukuze ibanakekele.
Related Topics: