Izindaba

Kusolwa ukwebiwa kwemfuyo kushiswa abane eNanda

Fanelesibonge Bengu|Published

Amaphoyisa aphenya amacala amane okubulala ethola izidumbu ezine zishisiwe eNanda

Image: Sigciniwe

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aphenya amacala okubulala kulandela ukutholakala kwabantu abane beshiswe bafa ezimotweni ezimbili eMatata, eNanda, ngoMgqibelo.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Robert Netshiunda, uthe babizwe endaweni yesigameko lapho bethole khona isidumbu esisodwa sishe kungabonakali nokuthi ngesikabani kwiNissan NP300.

“Ezinye izidumbu ezintathu zitholakale kwiToyota Rumion nazo zishe zangqongqa. Amaphoyisa aphinde athola nezinsalela zezinkomo ezintathu eduze kweNP200,” kusho uNetshiunda.

Uthe imbangela yokubulawa ayikaziwa kodwa amaphoyisa asola ukuthi kuhlobene nokwebiwa kwemfuyo.

Uthe kuqale uhlelo lokuhlonza izidumbu nokuthungatha abasolwa.