Izindaba

Asiqinise kwingezo njengoba sekufudumala isimo sezulu

Distance Gumede|Published

UMELULEKI wezothando uDistance Gumede weluleka izithandani ukuqinisa kwingezo njengoba sekungena ihlobo

Image: SITHUNYELWE

KUYIHLAZO ukuthi uyinsizwa okanye intombi yakwenu uma uthi uyadlula eduze kwabantu, basale beshaya amakhala ngenxa yephunga othe uyadlula lasala. Kwesinye isikhathi uthi uyahlala eduze kwabantu basukume bakubalekele ngenxa yeququ.

Yingakho namhlanje ngibone kungcono ukuthi ngikhumbuze abantu ngokubaluleka kokuzithanda nenhlanzeko. Ngiyathemba ukuthi akekho umuntu ongaboni ukuthi kusehlobo manje kuyashisa  ngakho-ke ngicela sizwane namanzi, sigcobe kahle lokhu kokushefa. Ungathi uyahlala eduze kwabantu ekhumbini bavele bashintshe ubuso.

Uma-ke sigqugquzela ukuthi abantu bazithande, asikhulumi ngokugeza kuphela kodwa ngibala ukubaluleka kokushefa iziboya ngaphansi nasemakhwapheni.

Sikhuluma ngokuhlanzeka komuntu uqobo kanye nendlu ahlala kuyona. Ngifisa nabantu besilisa bagezisise bo, bangasho ukuthi bona abanuki ngoba amankwahla akeve enuka. Izikhindi zangaphansi kubalulekile ukuthi zihlanzeke, zinganuki isishiqolo nje.

Uma unenkinga yokujuluka njalo uma kushisa, qinisekisa ukuthi awulali nje ungagezile ngoba ukoma kwaloyo mjuluko kungadala inkinga emzimbeni wakho. Ikhwapha iyona ndawo ebucayi kakhulu, uma uzazi ukuthi unenkinga yekhwapha elinukayo gcobisa izinto zakhona. Ungabulali abantu ngekhwapha emotweni ngoba ninjalo ave nithanda ukupaquza.

Ngifisa abantu bazijwayeze nje ukusebenzisa iziqholo ezinuka kahle noma ngabe awunayo imali yokuthenga kodwa phela ungakhohlwa ukugcoba insipho emakhwapheni uma ngabe kade uqeda ukugeza.

Uma ngabe unomzimba omkhulu kumele impela uqinisekise ukuthi mugeza ungena kuwo wonke amakhona,noma usugcoba futhi akube njalo. Gwema ukuhlala iskhathi eside ungagezile, kubalulekile ukukwazi ukuzizwa uma kukhona iphunga ongalijwayele emzimbeni wakho. Kungasiza ekutheni usheshe uzame ukuligwema ungaze uphumele kubantu,

Ngaphambi kokuthi nizijabulise gezani ukuze ningaxakwa iphunga nisazijabulisa. Noma seniqedile futhi gezani bakwethu ngoba kuyashisa manje, iphunga liyashesha nokusabalala.

Abantu besifazane ngicela bagezisise ikakhulukazi ezindaweni ezicashile, niqinise nasezinqeni kushaye umoya, nizwane nokufaka ipenty-liner ukuze ungaphoxwa iphunga lenkomo ekuhambeni.

Bese kubakhona laba abephunga labo elingayindawo, zamani phela okokudambisa iphunga ngesikhathi nisazama ukuthola usizo. Asizinakekeleni bakwethu, ungathi la odlule khona kusale kukhulunywa ngawe ngenxa yephunga olishiyile.

Kwesinye isikhathi ubudlelwano buyaphela ngenxa yokuthi khona uphathina oyinuku onephunga elihlale linukisa okwesimuncwana nje, omunye uthole ukuthi uhlula ngisho esembona umuntu wakhe egeza kodwa kuyena kungadikizi nobhozo.

Inono ke alikwazi ukumela iphunga lenuku. Ngicela sizithande, sizwane namanzi njengoba kushisa nje, sikhumbule ukuthi iphunga linukela wonke umuntu. Bantu besifazane niyazi ke, uma kade siqeda ukuchama siyasula, asithintithi ukuze phela sigweme amaconsi omchamo angigcina esedala iphunga elibi elingaqhamuka kwesingezansi.