Izindaba

Ngeke nginanaze ukuvala iNSFAS - Godongwana

Mhlengi Shangase|Published

ENOCH Godongwana

Image: GCIS

UKHWELE wadilika esikhwameni esixhasa izitshudeni ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, iNSFAS uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, ekhala ngokuthi asiwenzi umsebenzi esasungulelwa wona.

UGodongwana uthe ngeke ananaze ukusivala lesi sikhwama uma kungase kube nesiphakamiso esifuze lesi.

"Ngeke ngicabange ngisho kabili ukusivala, kungasa ngakusasa sengiyivalile iNSFAS. Ayisawenzi umsebenzi eyasungulelwa wona. Yasungulelwa ukudlulisa imali yezitshudeni iye emanyuvesi isuka eMnyangweni weMfundo ePhakeme. Lowo msebenzi isiwudlulisele ezinkampanini ezine eziqashile ukuthi ziwenze," usho kanje.

Uthe ngalokhu ayisakwenzi eyayisungulelwe khona ngoba akunzima ukudlulisa imali esuka emnyangweni iya emanyuvesi. 

"Ngiyazi ukuthi kungasuka umsindo uma ngingase ngithi ngiyayivala. Izitshudeni zingabhikisha umlibe ngoba kukhona abangabe sebezivukuzile ukuthi zibhikishe ngoba sivala lesi sikhwama. Bengitshela noMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi nesikhulu esiphezulu seNSFAS sihola ngaphezu kwakhe. Lesi sikhulu sihola u-R4 million," usho kanje ekhuluma esidlweni sasekuseni emva kwesabelomali esibuyekeziwe asethule ePhalamende ngoLwesithathu. 

Usho lokhu nje, lesi sikhwama sihlale sinezinkinga njengoba izitshudeni nomastende behlale bekhala ngaso.

Minyaka yonke izitshudeni zihlale zikhala ngokungaxhaswa ngesikhathi, ukuphucwa uxhaso sezithembile, ukukhishwa lapho zihlala khona ngoba zingakhokhile kanjalo nangezinye izinkinga ezidala ukuthi zize ziteleke, kushiswe nempahla kwezinye izikhungo.

Izitshudeni sezike zakhala ngalezi zinkampani zithi zifuna imali ingene ngqo kuzona, iyeke ukudlula kwenye indawo. Nomastende bahlale bekhala ngokuthi imali yabo ayifiki, okwenza baze baxoshe abasuke bengakhokhelwe.

Izinkinga azipheli kulesi sikhwama njengoba kusanda kusula obengusihlalo webhodi, ekhala ngokucwaswa ngokwebala, ukusatshiswa nangobuhlathi obukhona kulesi sikhwama. Kuhlale kushintshwa abaholi njengoba lesi sikhwama sifakwa nangaphansi kwabalawuli abasuke bezama ukulungisa isimo.

Kwenzeka lokhu nje, kusasa wusuku lokugcina lokuthi kufakwe izicelo kulabo abafuna ukuxhaswa ngonyaka ozayo. Abafundi banxuswe ukuthi bangalindi umnyama ongenafu kodwa bafake izicelo zoxhaso kulesi sikhwama.

I-NSFAS ixhaswa cishe ngo-R50 billion, kanti le mali ayenele njengoba kubuye kwadingeka ukuthi kwengezwe enye imali ngenxa yokuthi akuzona zonke izitshudeni ezixhasiwe.