BEKWETHULWA ngokusemthethweni indawo yokungcwaba entsha yeCebolethu
Image: SIBONELO NGCOBO : INDEPENDENT MEDIA
IHLOSE ukubhekana nengwadla yokushoda kwezindawo zokungcwaba ngokwethula ngokusemthethweni indawo yayo yokungcwaba inkampani iCebolethu Group.
Lokhu kudalulwe nguSihlalo wayo, uDkt Nomfundo Mcoyi, ngesikhathi bethula ngokusemthethweni indawo iMariannhill Memorial Park kuleli sonto.
Udalule ukuthi lena bekuyindawo yamaRoma abaxoxe nawo bavumelana ngokudayiselana. Uveze ukuthi kuyona kungangcwatshwa abalinganiselwa ku-1 200 okwamanje. Uthe lokhu bakwenze ngoba behlose ukusukumela inkinga yokushoda kwezindawo zokungcwaba athe kubonakala kukhinyabeza kakhulu le mboni.
UDkt Mcoyi uthe: "Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi sibhekene nenkinga enkulu kakhulu yokushoda kwezindawo zokungcwaba ezweni lonke. Sihlale phansi sabona kungcono ukuthi kube khona esikwenzayo ngenhloso yokubhekana ngqo nale nkinga."
Uveze ukuthi le ndawo baqale ukuyilungisa eminyakeni emihlanu eyedlule. Uthe ukuvumbuka kweCovid-19 kwagcina sekuholela ekutheni kukhinyabezeke ukwakhiwa kwayo.
''Siyajabula kakhulu ukuthi namhlanje sihlangene lapha ngokuthi sizoyethula ngokusemthethweni. Lokhu kusho lukhulu kubona bonke abantu abaye bazithole bebhekene nenkinga enkulu yokushoda ngemigodi. Uthe lokhu uyathemba ukuthi kuzowehlisa umthwalo kuMasipala weTheku.
UMnuz Ernest Shozi, woMkhandlu weTheku ophikweni lokugcinwa kwamagugu, uphawule ngengwadla yokushoda kwezindawo zokungcwaba eThekwini.
Uthe kuye kube buhlungu uma kukhona umuntu ofuna umgodi kodwa angakwazi ukuwuthola. Uthe baye benze konke okusemandleni ukuze bathole izindawo ezintsha zokungcwaba kodwa uthe kulukhuni satshe.
Uthe iCebolethu lidinga ukushayelwa ihlombe elikhulu ngokuqala indawo yalolu hlobo ngempumelelo. Uthe akangabazi nakancane ukuthi izokwenza umehluko omkhulu kulesi simo esibucayi ababhekene naso. Uveze ukuthi kunezindawo abahlela ukuzithenga ukuze zisetshenziselwe ukungcwaba abantu.
Umgodi wokungcwaba endaweni yeCebelethu uqala ku-R5 000 kuya ku-R55 000. Kule ndawo kufakwe amakhamera asebenza ngobuchwepheshe okugada amathuna zikhathi zonke.
Related Topics: