Khumbudzo Ntshavheni
Image: Supplied/GCIS
AKUDIKIZI nqulu kuhulumeni futhi ngeke kuphazamise lutho ukuduba kweMelika ukuthamela umhlangano wamazwe ayingxenye yeG20 ozoba kuleli, phezu kokuba izothatha izintambo zokwengamela lo mhlangano ngonyaka ozayo.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe ehhovisi likamengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, izolo ekhuluma ngamalungiselelo alo mhlangano osekubalwa izinsuku ube kuleli.
Ekhuluma nabezindaba emva komhlangano weKhabhinethi eKapa, uthe akumele bakhathazeke abantu bakuleli ngokuduba kweMelika ukuhambela kuleli.
"Akuthi diki ukuthi iMelika ayizi kulo mhlangano. Abanye abaholi bamazwe bazoba yingxenye yawo. Abaholi baseMelika bangasho noma yini ngezwe lethu, kodwa siyaqhubeka nomhlangano."
Uthe konke sekumi ngomumo mayelana nomhlangano njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa, ezohambela eNasrec, eGoli namhlanje lapho kuzobanjelwa khona umhlangano eyohlola ukuthi izinto zihamba kanjani.
"Ibalelwa ku-130 imihlangano ethinta iG20 esibekhona ezifundazweni ezehlukene kuleli. Sekuyithuba lokuthi kuze abaholi bamazwe. Umhlangano ungoNovemba 22 no-23. Zizobe ziqinile ezokuphepha njengoba kuzoba nalo mhlangano kanti ngeSonto, sizoba nesithangami esizobe sikhuluma kabanzi ngokuzokwenzeka. Uma kuba nesidingo sokuthi uRamaphosa athule inkulumo ayibhekise esizweni, sizomemezela," usho kanje.
Umengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, wathi abezi kuleli ngoba kubulawa abalimi abangamabhunu kuphinde kuthathwe ngoshova umhlaba wabo. Noma lokhu sekuchithwe yizinhlaka ezehlukene, kodwa uTrump usalokhu eqhubekile ethi akezi.
UNksz Ntshavheni uncome iBiovac noMnyango wezeSayensi nobuChwepheshe, ngokuqopha umlando ngokwethula umshanguzo owakhiwe kuleli wokunqanda isifo sohudo, i-cholera.
Uthe ngokokuqala ukuthi kwakhiwe umshanguzo ofuze lo kuleli wathi uzosiza enkingeni yesifo sohudo esike sihlasele namanye amazwe.
"Ukukhiqizwa kwalo mshanguzo kusho ukuthi elakuleli selidlulele kwelinye izinga kwezithinta umkhakha wezesayensi. IKhabhinethi inethemba lokuthi lo mshanguzo uzosiza ezwenikazi i-Afrika njengoba lesi sifo sihlale sibheduka khona."
Kwethulwa lo mshanguzo kuleli sonto eGoli, uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi, uthe lesi sifo asidlangile kakhulu kuleli kodwa kuba nezikhawu lapho sibheduka khona.
Uthe uma sigadla sidlula nemiphefumulo yabantu kanti uma sekunomshanguzo ofuze lo, kuzoba lula ukusinqanda kuphephe nabantu.
"NgokweWorld Health Organization, babalelwa ku-4 million abantu emhlabeni abangenwa yi-cholera njalo ngonyaka. Babalelwa ku-21 000 kuya ku-143 000 abashonayo ngenxa yayo," usho kanje.
Uthe kusuka eminyakeni yawo-1970 besibheduka lesi sifo kanti besisuke sihambisana nezinhlekelele.
"Isehlakalo sokuqala esabikwa sasingo-1974, kwase kulandela nakweminye iminyaka kusuka ngo-1980 kuya ku-1987 lapho kwashona khona abantu abangu-348, kwahaqeka abangu-25 000."
Uthe ukwakhiwa kwalo mshanguzo kuleli kuzodala amathuba emisebenzi, kwehlise imali yokuthengwa kwemishanguzo kwamanye amazwe, kwakhe namakhono.
Related Topics: