UNGQONGQOSHE eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, ekhuluma esithangamini nabezindaba emva komhlangano weKhabhinethi
Image: Jairus Mmutle/GCIS
KUQOPHEKE umlando kwakhiwa umshanguzo kuleli ozosiza enkingeni yesifo sohudo i-cholera.
Lo mshanguzo wakhiwe yiBiovac kanjalo noMnyango wezeSayensi nobuChwepheshe kuleli.
UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, ekhuluma emva komhlangano weKhabhinethi, uthe kuqopheke umlando ngokwakhiwa kwalo mshanguzo ozoqeda ngale nkinga.
Uthe ngokokuqala ukuthi kwakhiwe umshanguzo ofuze lo kuleli wathi uzosiza enkingeni yesifo sohudo esike sihlasele namanye amazwe.
"Ukukhiqizwa kwalo mshanguzo kusho ukuthi elakuleli selidlulele kwelinye izinga kwezithinta umkhakha wezesayensi. IKhabhinethi inethemba lokuthi umshanguzo uzosiza ezwenikazi i-Afrika njengoba lesi sifo sihlale sibheduka khona."
Kwethulwa lo mshanguzo kuleli sonto eGoli, uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi, uthe lesi sifo asidlangile kakhulu kuleli kodwa kuba nezikhawu lapho sibheduka khona.
Uthe uma sigadla sidlula nemiphefumulo yabantu kanti uma sekunomshanguzo ofuze lo, kuzoba lula ukusinqanda kuphephe nabantu.
"NgokweWorld Health Organization, babalelwa ku-4 million abantu emhlabeni abangenwa yi-cholera njalo ngonyaka. Babalelwa ku-21 000 kuya ku-143 000 abashonayo ngenxa yayo," usho kanje.
Related Topics: