Izindaba

Ithemba kululwa isibonelelo sabangatohozi

Mhlengi Shangase|Published

UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana, ethula isabelomali samaphakathi nonyaka wezezimali ePhalamende ngoLwesithathu

Image: PHANDO JIKELO/RSA PARLIAMENT

KUBUYISE ithemba kwababhuquza emakhaya ngesikhathi uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, ememezela ukuthi kuzolulwa ngonyaka ukuholwa kwesibonelelo sika-R370 ngenyanga.

Lesi sibonelelo bekumele siphele ukuholwa ngonyaka ozayo kodwa ethula isabelomali esibuyekeziwe eKapa, izolo, uGodongwana uthe kuzolulwa ukuholwa kwalesi sibonelelo kuze kube u-2027.

"Isibonelelo sabangasebenzi kuleli sizolulwa kuze kube uMashi 2027. Kunezinhlelo zokuthi lesi sibonelelo sihlanganiswe nezinhlelo zamakhono nezakha amathuba emisebenzi," usho kanje.

Isibonelelo saqala ukuholwa ngesikhathi kubhilite umbulalazwe wegciwane kuleli iCovid-19.

Inhloso kwakuwukhipha ebubheni izigidi zabantu bakuleli abangasebenzi kanti bekulokhu kunezinkulumo zokuthi sizoqedwa ngenxa yokuthi alisekho leli gciwane. 

UGodongwana uphinde wabuyisa ithemba ebantwini bakuleli abacwile ezikweletini, ememezela ukwehliswa kwesikalo samandla emali esibhekwa yiBhange loMbuso uma linquma ukuthi liyayinyusa noma liyayehlisa imali ekhokhwa abanezikweletu.

"Ngokuhamba kwesikhathi, ukwehliswa kwesikalo samandla emali kuzokwenza ukuthi abanezikweletu bakhokhe imali encane. Kuzothuthuka umnotho bese kwakheka amathuba emisebenzi," usho kanje.

Uveze nokuthi zithela izithelo izinhlelo zokuzama ukunciphisa isabelomali kuhulumeni njengoba kuphenywa abasebenzi ababalelwa ku-9 000, okusolwa ukuthi bayizipoki.

"Sisebenzisana noMnyango wezaseKhaya neSARS endabeni yokukhuculula abasebenzi abayizipoki kuhulumeni. Sibheka imininingwane yentela ukuze sikhuculule izipoki eminyangweni kahulumeni," kusho uGodongwana.

Uthe balwa nalabo abahola isibonelelo sikahulumeni kungafanele.

Odabeni oluthinta abasebenzi bakahulumeni, uthe babeke eceleni u-R5.5 billion, ukugqugquzela laba basebenzi ukuthi basheshe bathathe umhlalaphansi.

"Sihlela ukuthi sikhokhele abasebenzi abangu-15 000 abafuna ukusheshe bathathe umhlalaphansi. Lolu hlelo siluqale ngo-Okthoba, kanti sihlose ngalo ukuqasha abantu abasebancane." 

Udalule nokuthi bakwazi ukuqoqa u-R19.7 billion ezinyangeni eziyisithupha kulo nyakamali.

Umemezele nokuthi kuzosetshenziswa u-R2.7 billion, kwezempilo ukuqasha odokotela nomunye u-R8.2 billion, wokuqasha abanye abasebenzi bezempilo.

Kwezemfundo uthe kuno-R9.5 billion, wokukhokhela abasebenzi eminyangweni yezifundazwe, bese kuthi u-R10 billion, owohlelo i-ECD.

Umemezele nokuthi izokwehla ngo-R4.8 billion, imali yokukhokhela isikweletu sezwe.

Odabeni oluthinta iKhomishini kaMadlanga ephenya izinsolo zokuthi kunokusebenzisana kwamaphoyisa nezigebengu, ihlinzekwe ngo-R147 million. Ingxoxo ngesimo sezwe, uveze ukuthi yadla u-R132 million.

UGodongwana uthe kubekwe u-R2 billion wokulungisa kabusha iPhalamende, wathi babeke u-R1 billion weKhomishini yezoKhetho ngamalungiselelo okhetho lohulumeni basekhaya ngo-2026.

Uveze nokuthi iSARS iyaqhubeka nokulwa nogwayi ongumkokotelo ongena kuleli ngokungemthetho.

UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana, ethula isabelomali samaphakathi nonyaka wezezimali ePhalamende ngoLwesithathu

Image: PHANDO JIKELO/RSA PARLIAMENT