UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ubeyingxenye yokwethamela icala lezelamani zakwaNdimande ekade zibhace eSwatini
Image: Doctor Ngcobo/Independent Newspapers
UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe basazophenyisisa ukuthi ngubani ongaphezulu, okunokwenzeka ukuthi wakhipha isamba semali yokuthi kubulawe umculi wakuleli, uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane.
UMkhwanazi usho kanje kulandela ukuvela kwezelamani zakwaNdimande eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, ngoLwesibili.
Lezi zelamani, uMnuz Siyabonga Ndimande noMnuz Melusi Ndimande batheleke kuleli ekuseni izolo, kulandela ukulandwa kwabo yizinhlaka zomthetho zakuleli.
IZELAMANI zakwaNdimande ebezibhace eSwatini, uMnuz Siyabonga Gezani Ndimande noMnuz Malusi Dave Ndimande, zivele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, ngecala lokubulawa komculi u-AKA nomngani uTibz
Image: Doctor Ngcobo/Independent Newspapers
Awu-11 esewonke amacala lezi zelamani ezibhekene nawo maqondana nokubulawa kwalaba ababili. Ngokusho komshushisi woMbuso, u-Advocate Lawrence Gcaba, ayafana nawalaba abayisihlanu abasolwa nabo kuleli cala, asebevele bavelile phambi kwenkantolo, icala lahlehliselwa uJulayi wonyaka ozayo, ukuze liqale ukuqulwa.
Ephawula ngaphandle kwenkantolo uMkhwanazi, uthe bake bachaza ukuthi yilowo nalowo wabamba iqhaza elithile kuleli cala. Kukhona owayeyinhloko, owayedidiyela yonke into. Lowo muntu wakhokhela bonke abasolwa emva kokwenziwa komsebenzi. Wasebenzisa ibhange lakhe ukusabalalisa imali,” kusho uMkhwanazi.
Uthe i-akhawunti eyasetshenziswa kwakungeyebhizinisi.
“Siyaqhubeka-ke nokuyiphenya le akhawunti, ukuthi iyamaniswa nabaphi abanye abantu, abafaka imali kuyo,” kusho uMkhwanazi.
Sifuna ukuthola ukuthi ngubani ongaphezu kwakhe, okunokwenzeka ukuthi wamcela ukuthi adidiyele lo msebenzi.
“Luseluningi uphenyo okusafanele lwenziwe,” kusho uMkhwanazi.
Uthe kodwa njengamanje bagculisekile ngalaba abayisikhombisa asebevele baboshiwe ngaleli cala.
Kwenzeka konke lokhu nje, ukulandwa kwezelamani eSwatini, kufake phakathi nokuba khona kwabebevela kwikhomishini yamalungelo, iSouth African Human Rights Commision (SAHRC). Kuvele ukuthi lokhu kwenzelwe ukuthi kuqinisekiswe ukuthi amalungelo abo kawanyathelwa.
UMbuso uveze ukuthi uzosiphikisa isicelo sebheyili.
Imantshi uMnuz Irfaan Khalil, icala ilihlehlisele uNovemba 25, ukuze abameli babasolwa bathole isikhathi esanele ukuthi baxoxe nabo.
Lezi zelamani zibuyiswa kuleli nje, kulandela ukuthi zikulaxazile ukulwa nesinqumo senkantolo yaseSwatini, esasithi kufanele babuyiswe kuleli ukuzobhekana namacala.
Ngale kwelokubulala, lezi zelamani zibhekene nolunye uxhaxha lwamaca okubulala abantu ababesembonini yamatekisi.
U-AKA noTibz badutshulwa bafa ngaphandle kwendawo eseyavalwa emgwaqweni odumile uFlorida, ngoFebhuwari 2023.
Related Topics: