Izindaba

Ayethusa amacala abhekene nothisha baseKZN

Mhlengi Shangase|Published

OTHISHA baseKZN babhekene noxhaxha lwamacala abucayi

Image: SIGCINIWE

AYASHAQISA amacala abhekene nothisha abadlwengula abafundi KwaZulu-Natal kulo nyaka njengoba elinye lithinta uthisha owagxisha umfundi utshwala wase elala naye.

Angu-71 amacala abikwe emnyangweni esifundazweni kulo nyaka, ngokombiko othulwe ePhalamende. Kulawa, angu-30 athinta othisha abalala nabafundi abangaphansi kweminyaka engu-16, okuthathwa ngokuthi babadlwengula.

Emacaleni adalulwe yisikhulu soMnyango wezeMfundo esifundazweni, u-Adv Bheki Masuku, ekomitini leMfundo eyisiSekelo ePhalamende, ebelibhunga ngesihlava sokudlwengulwa kwabafundi nokungabikwa kwabafundi abangaphansi kuka-16 abakhulelwe ezikoleni, kuvele ukuthi othisha bayaqhubeka nokugila imikhuba yokudlwengula abafundi, abanye abakwenzela ngisho ezikoleni.

Elinye lamacala aphenywa ngumnyango, elikathisha owanukubeza umfundi ofunda uGrade 5, oneminyaka engu-11 ngendlela esingenakuyichaza ephepheni ngoba iyashaqisa nakwabanye kwenziwa  izinto ezihlasimulisa umzimba .

UMasuku uthe bayaphenya uma sebebikelwe ngesehlakalo bese bemumisa uthisha othintekayo.

"Kube sekuba nezinhlelo zokuqondiswa ubugwegwe. Amanye amacala abikiwe elikathisha odlwengule ingane eneminyaka engu-10, omunye enengu-13 okungamacala afakwa ohlwini lwabantu abadlwengule izingane ezingaphansi kuka-16," usho kanje.

Uthe izikole zibhekana nengwadla yokuthi abanye abafundi abafuni ukubika amacala afuze lawa ukuze kuphenywe.

"Ezinye zezikole azibanakekeli abafundi, zigxila ekufundiseni. Ezinye zivikela isithunzi sesikole kanti kokunye izikole zibikela abazali ngoba zikholwa wukuthi yibona okumele bavule amacala," kusho uMasuku.

Kulo mhlangano izinyunyana zothisha zikhale ngokuthi azikho izinhlelo ezicacile zokubika amacala afuze lawa.

Zithe kudingeka kuqeqeshwe othisha ngezinto okumele bazenze uma behlangabezana nesimo sabafundi abakhulelwe nabadlwenguliwe.

Kugqame ukuthi lezi zinhlelo ziyaphuthuma ikakhulu njengoba uGrade R, kanjalo nabafundi bakuma-Early Childhood Development (ECD), sebengaphansi kowezeMfundo.

Kuphakanyiswe nokuthi kube nosonhlalakahle cishe kuzona zonke izikole ngoba bona baqeqeshelwe lo msebenzi. Kukhalwe nangamaphoyisa ukuthi kokunye awafuni ukuthi amacala avulwe abanye abantu afuna avulwe abagilwa.

UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, uthe kungaba kuhle ukuba nosonhlalakahle kuzona zonke izikole kodwa lokhu ngeke kwenzeke. Uveze ukuthi osonhlalakahle baba semahhovisi ezifunda lapho besiza inqwaba yezikole kuleso sifunda.

Uthe zikhona izinhlelo ezikoleni zokuthi kubikwe kanti nomthetho wezikole iBela, uyakubalula ukuthi kuwumsebenzi wothisha ukubika ngabafundi abakhulelwe uma bengaphansi kuka-16, ukuze kubhekwe ukuthi abadlwengulwanga yini abantu abadala kunabo.