Izindaba

Umkhankaso wokwandiswa kwabantu abasha kwezamafilimi

Nkosikhona Cele|Published

UMAN B onomkhankaso wokwandisa abantu abasha abangena kwezamafilimi

Image: SITHUNYELWE

UHLOSE ukuqinisekisa ukuthi bayanda abantu abasha basemakhaya abangena kwezamafilimi, uMlindelwa Tyekana odume kakhulu ngelikaMan B.

Ekhuluma neSolezwe uMan B uthe ukholwa wukuthi bakhona abantu abasha abanekhono kwezamafilimi kodwa amakhono abo angahlonziwe.

Uthe ufuna ukwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bayanda abantu abasha abangena kwezamafilimi.

Uthe lo msebenzi uwenza ngaphansi kwenkampani yakhe eyethiwe ngeMANB Entertainment. Uthe e-Eastern Cape bangenisile kakhulu njengoba bebaningi abantu abasha asebebalekelelile ukuze bafeze isifiso sabo sokungena kwezamafilimi.

Uthe njengoba abantu abasha bebhekene nenkinga yokungena ezidakamizweni nasophuzweni oludakayo ukungena kwezamafilimi kungabalekelela kakhulu ekutheni bangagcini beyimilutha yalezi zinto.

''Iqiniso wukuthi abantu abasha bethu banalo ikhono nesikhathi futhi banaso. Akumele ke basebenzise leso sikhathi ukugxila ezidakamizweni kodwa kumele bgxile kwezamafilimi ngoba bangagcina sebekwazi nokuziphilisa ngalo mkhakha,'' usho kanjena.

Uthe lo mkhankaso ngeke uphelele e-Eastern Cape kuphela kodwa kunalokho uzobonakala ukapakela nakwezinye izifundazwe ezikhona ezweni lonke.

Kuyimanje uthe bamatasa nefilimi iRhythm of the Street nenye ezophuma ngonyaka ozayo ebizwa nge-The Vigilante.