Izindaba

Owabizwa ngeginsa kwiKhomishini kaMadlanga uvulele uKhumalo icala

Fanelesibonge Bengu|Published

U-LIEUTENANT General Dumisani Khumalo

Image: Independent Media

Ubufakazi benhloko yezinhloli emaphoyiseni uLt-General Dumisani Khumalo kwiKhomishana kaMadlanga, sebuyidonsele amanzi ngomsele njengoba ivulelwe amacala amathathu nguStuart Scharnick okuthiwa ungumqaphi wePhini likaKhomishana wamaPhoyisa omisiwe uLt-General Shadrack Sibiya.

UScharnick uvukele esiteshini samaphoyisa ePitoli ngoLwesibili ekuseni eyovulela amacala uKhumalo okukhona kuwo elokuqamba amanga efungile nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

“Udukise ikhomishini ngokuqamba amanga efungile, siphoqelekile ukuthi simvulele icala. Ungcolise igama lami nomndeni wami futhi sizombopha ngendlela. Ithimba labameli bami lilungisa amaphepha futhi sizoliqhuba lolu daba ngaphezu kokuvula amacala emaphoyiseni,” kusho uScharnick ekhuluma kwiNewzroom Afrika ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa.

UStuart James Scharnick uvulele icala inhloko yezobunhloli emaphoyiseni uLieutenant General Dumisani Khumalo ePitoli

Image: Kamogelo Moichela/IOL News

UKhumalo wathi uScharnick useke wabhekana namacala angu-34, wagwetshwa kwangu-18, angu-11 ahoxiswa kwathi amahlanu waphuma phambili kuwo.

Akucaci ukuthi uke wahlala yini ejele ngalokhu.

Waveza nokuthi uSibiya wake wabonakala ehamba ngemoto kaScharnick.

UScharnick ukuphikile ukuthi uyiginsa, wathi akakaze agwetshwele ukuduna izimoto empilweni yakhe.

“Angikaze ngigwetshelwe ukuduna izimoto empilweni yami kodwa ngibekwa njengomuntu odunayo,” kusho uScharnick.