USENIOR Constable Qiniso Sishi osolwa ngokubulala unkosikazi owummeli evela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini
Image: ZIMBILI VILAKAZI
UBONA sekuntwela ezansi ngecala lokubulawa kommeli ngesihluku umndeni njengoba selibheke eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Ummeli, uNkk Thandokuhle Sishi (48) waseMontclair, eThekwini, kuthiwa wagwazwa, wabulawa wumyeni wakhe, oyiphoyisa likaMasipala weTheku, uSenior Constable Qiniso Sishi ngasekupheleni kukaJulayi nonyaka.
Umsolwa, owasilaxaza isicelo sakhe sebheyili ngesikhathi esanda kuboshwa ngo-Agasti, ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko.
Imantshi ilihlehlisele uNovemba 27 icala, yathi ngalelo langa liyobe selingena eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Uma icala selidluliselwa enkantolo enkulu, kusuke sekuphothulwe lonke uphenyo, icala selikulungele ukuqulwa.
Udadewabo kamufi, uNksz Khumbuzile Mkhize utshele Isolezwe ukuthi bagculisekile ngokushesha kwecala.
“Sijatshuliswa wukuthi seliya enkantolo enkulu. Lokhu kukhombisa ukuhamba kwalo ngokushesha. Sesilinde ukubona-ke ukuthi khona kuzothiwani,” kusho uNksz Mkhize.
Uveze ukuthi bakhathazekile kancane ngemiphumela yendodakazi kamufi, okumanje ibhala izivivinyo zika-matric.
“Yamlimaza kakhulu into yokubulawa kukanina. Yena uyingane ehlakaniphile kodwa sinalo uvalo lokuthi isigameko kungenzeka simthikameze ezifundweni zakhe,” kusho uNksz Mkhize.
Uthe yena uyazama ukuqhubeka nokutadisha ngokuzikhandla kodwa ngeke bazi ukuthi ubunzima abhekene nabo bungakanani njengoba ayengacabangi ukuthi kungafika lezi zivivinyo unina engasekho emhlabeni.
Uthe uyaqhubeka nokuya kudokotela oweluleka ngokomqondo njalo ngezimpelasonto, yize bengazi ke ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi isimo sakhe somqondo sibuyele kwesijwayelekile.
Uthe nomsolwa sebeqaphela ukuthi akasabahleki usulu uma evela enkantolo njengoba ayenza phambilini.
“Usevele angene abheke phansi, aqonde ebhokisini. Uma esephuma, uphinde enze okufanayo, ayosithela emgodini,” usho kanje.
Ngosuku lwesigameko, abashadile babezikhiphe nabangani ngokwehlukana. Kuthiwa umufi wabuya kuqala, walandelwa wumsolwa okuthiwa wafika wamvusa, bahilizisana, maqede wamgwaza, wambulala.
Emva kwesigameko kwavela ukuthi umsolwa unelinye icala lokubulala owesifazane endaweni yobumnandi alenza eminyakeni embalwa edlule, okungacaci ukuthi laphelelaphi. Kuthiwa emva kwaleso sigameko umasipala wamphuca isibhamu somsebenzi.
Related Topics: