Izindaba

UZuma uzofakaza ecaleni lendodakazi

INTATHELI YESOLEZWE|Published

UNKK Duduzile Zuma-Sambudla edlana indlebe nommeli wakhe, u-Advocate Dali Mpofu

Image: Sigciniwe

Owayengumengameli wezwe, manje ongumholi woMkhonto weSizwe, uJacob Zuma, uzofakaza ecaleni lendodakazi yakhe, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla.

UNkk Zuma-Sambudla ubhekene necala eliqhubeka eNkantolo eNkulu yaseThekwini, lezinsolo zokugqugquzela udlame ngezibhelu zangoJulayi 2021.

Wabekwa amacala ngokusemthethweni ekuqaleni konyaka, wase eqala ukuquliswa ngoMsombuluko.

Kulindeleke ukuthi icala lidonse amasonto amabili.

UNkk Zuma-Sambudla ubhekene namacala amathathu okugqugquzela ubushokobezi namabili okugqugquzela udlame emphakathini.

UMbuso uthi wakwenza lokho ngokubhala enkundleni yezokuxhumana iTwitter eseyaziwa ngokuthi yi-X.

NgoLwesibili, ummeli kaNkk Sambudla-Zuma, u-Advocate Dali Mpofu, utshele inkantolo ukuthi unezinhlelo zokuthi abize uZuma njengofakazi wokuqala wommangalelwa.

Uthe uZuma uzobuchitha ubufakazi boMbuso aveze ukuthi ukuboshwa kwakhe kwakumayelana nezizathu zezepolitiki.

UMpofu uveze lokhu ngenkathi epheka ngemibuzo ufakazi woMbuso, uNkk Sarah-Jane Trent.

“Nkosi yeNkantolo, ngizobiza uMengameli Zuma njengofakazi wokuqala. Uzokuchitha konke okushiwo yilo fakazi woMbuso acacise ukuthi ukuboshwa kwakhe kwakuyamene nezizathu zezepolitiki,” kusho Mpofu.