Izindaba

Ligwazwe lafa iphoyisa ebeligejane nowesifazane

Zimbili Vilakazi|Published

UMUFI uSergeant Mondli Gabisa

Image: SITHUNYELWE

UKUPHAMBANA ngenkulumo okuthiwa akuthathanga sikhathi esingakanani phakathi kowesifazane nephoyisa laseCato Manor, eThekwini, ebelingekho emsebenzi iphethe ngokuphela kwempilo yephoyisa ngoMgqibelo.

Kulesi sigameko, okuthiwa senzeke eduze kweshisanyama, KwaZaba, eCato Manor, kugwazwe kwafa uSergeant Mondli Gabisa. 

Ngokusho komthombo, umufi ubehleli kule ndawo nomkakhe nabanye abangani bezijabulele ngesikhathi kusuka ingxabano phakathi kwakhe nomunye wesifazane.

“Lona wesifazane uhambe wayobiza umfowabo njengoba kubo kuseduzane nalapho obekuhleliwe khona. Lona wesilisa ufike ehlome ngommese, wamehlula umufi ngamandla, wamgwaza ephindelela,” kusho umthombo.

Uthe kuphele imizuzu elinganiselwa ku-20 umufi esaphefumula, wase eyashona.

“Umsolwa nodadewabo babanjiwe, baboshwa khona lapho,” kusho umthombo.

Udadewabo kamufi, uNksz Mpho Gabisa oseGoli ngokuhlala uthe bawutholile umyalezo ngokubulawa kukamfowabo.

“Njengamanje silibangise eThekwini ukuyohlangana nezihlobo namaphoyisa ukuze sithole umbiko ogcwele ngokwenzekile,” usho kanje.

UGabisa ubulawa nje ubesanda kusinelwa uNkk Simphiwe Gabisa.

Kwenzeka lesi sigameko nje, umndeni ubusazikhotha amanxeba ngokudutshulwa kubulawe udadewabo kamufi, uNksz Zizipho "Ntuntu" Gabisa (29) owadutshulwa wafa nomngani, uNksz Anele Mbokazi (30) eKenville, eThekwini, ngo-Agasti nyakenye.

Laba ababili babulawa uMnuz Lungani Mthethwa owayebakhiphile kuyiwe ebumnandini. 

Icala lagcina ligojela uMthethwa yedwa, wanikwa udilikajele, kwathi umngani wakhe, uMnuz Sandile Chili, waphuma ngembobo yenaliti kulandela ukucula enkantolo ngokwenzeka  ngosuku lwesigameko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseCato Manor abophe abasolwa ababili ngecala lokubulala iphoyisa lakulesi siteshi ebelingekho emsebenzini.

“Umufi ugwazwe, wafa emgwaqweni uSPCA Access Road ngoMgqibelo ebusuku,” kusho uNetshiunda. 

Uthe amaphoyisa abesebenza abeqapha ubugebengu endaweni njengokwejwayelekile ngesikhathi ebikelwa ngowesilisa osegwazwe wafa.

“Athe uma efika endaweni yesigameko athola umufi enamanxeba amaningi okugwazwa. Isibhamu sakhe (okungesona esomsebenzi) sitholwe emhlane wakhe singenazinhlamvu,” kusho uNetshiunda.  

Uthe abasolwa bazovela enkantolo maduze.