ENOCH Godongwana
Image: Parliament of SA
KUBHEKWE ukuthi atakule iminyango kahulumeni edonsa kanzima ngasemalininuNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, uma esethula isabelomali esibuyekeziwe ePhalamende ngoLwesithathu.
Iminyango okubalwa oweMfundo eyisiSekelo nowezeMpilo, iyona ehlale ikhala ngezinselelo zemali.
Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, iCosatu, uveze ukuthi ubheke lukhulu esabelweni sikaGodongwana.
UMnuz Matthew Parks weCosatu, uthe balindele ukuthi kumenyezelwe izinhlelo ezingeke zigxile ekunqamuleni isabelomali seminyango kahulumeni ngoba ivele idonsa kanzima.
Uthe balindele ukuthi isabelomali sikhulume ngezithinta ukukhuliswa komnotho, ukuqinisa iSARS ukuze ikwazi ukuqoqa intela eyenele ezosiza ezweni kanjalo nezinye izinto.
"Kumele kukhuliswe umnotho njengoba linyuka nezinga labangasebenzi kuleli eseliku-42.9%. Akugxilwe ekulweni nobubha, ubugebengu kanjalo nenkohlakalo edlangile ezweni."
Uthe kumele kuvalwe nezikhala ezivulekile zodokotela, abahlengikazi, othisha, amaphoyisa kanjalo nezabanye abasebenzi abenza imisebenzi ebalulekile ezweni.
"Sifuna kuqiniswe nokusebenza komasipala futhi kuliwe nemikhandlu ehluleka ukukhokhela abasebenzi ngesikhathi. Akuqiniswe ukuhanjiswa kwezidingo emphakathini."
Ubalule nokuthi kumele kuqiniswe ukusebenza koPhiko lwezokuShushiswa koMphakathi, ukuze kuliwe nenkohlakalo.
"Amaphoyisa adinga izinsiza kusebenza okuyizimoto kanjalo nezinye izinto ukuze alwe nobugebengu. Siyajabula ukuthi akukho mali elokhu ifakwa ukutakula izinkampani zikahulumeni eziwayo."
UDkt Mark Burke we-DA, uthe balindele ukuthi ingamenyezelwa indaba yokunyuswa kwentela efakwa uma kuthengwa impahla iVAT, intela kubasebenzi ngoba abantu bakhokha kakhulu kumanje. Ike yasusa umsindo i-DA yaze yaya enkantolo ilwa nokunyuswa kwentela. Kwadingeka ukuthi igcine isilaxazwa eyokunyuswa kweVAT ngenxa yokuthi namanye amaqembu ePhalamende ayeyichitha eyokunyuswa kwayo.
Uthe bafuna ukubona izinhlelo zokuqeda ngabasebenzi abayizipoki eminyangweni ehlukene kahulumeni.
"Asilindele isabelomali esingathi shu, ekubeni isimo sezwe singesihle. Sifuna kube nezinhlelo ezizokwenza abantu baphume ebubheni, bathole imisebenzi kuphinde kukhule nomnotho," kusho uBurke.
Uhulumeni usemkhankasweni wokonga imali ngokuthi aphenye ngabasebenzi abayizipoki. Okunye ngukugqugquzela abasebenzi asebezothatha umhlalaphansi ukuthi basheshe badede inkundla, bavulele intsha ithuba lokuthi ithole imisebenzi.
Lokhu kwenziwa ngokuthi kungabi nemali enkulu yentela ezokhokhwa abasheshe bathathe umhlalaphansi.
Ngale ndlela uhulumeni uzama ukuthi wehlise izindleko njengoba kuhlale kukhalwa ngokuthi isabelomali asenele ekubeni ziziningi izidingo zomphakathi.
Related Topics: