Izindaba

I-ANC isimnike ikhefu abelifuna uMchunu

Mhlengi Shangase|Published

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa osekhefini, uMnuz Senzo Mchunu, i-ANC emnike ikhefu abelifuna

Image: Henk Kruger / Independent Media

I-ANC izohlangana neSACP ezongenela ukhetho ngokuzimela ngaphambi komhlangano omkhulu kaKhongolose iNational General Council (NGC), engenyanga ezayo.

UNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe bafuna ukunekela umhlangano weNGC, abakuxoxe neSACP.

"Yingakho sizoba nomhlangano neSACP ngaphambi komhlangano weNGC we-ANC oqala ngoDisemba 8 kuya ku-12. Sifuna ukuthi sibe sesihlangene nobuholi bamadlelandawonye kanti indaba ye-SACP yokungenela ukhetho, izoxoxwa." Lo mhlangano uzoba seNasrec, eGoli.

Ekhuluma nabezindaba ngoLwesibili, uthe abahambisani nesinqumo seSACP, sokungenela ukhetho ngaphandle kwe-ANC.

"Siyasihlonipha isinqumo se-SACP kodwa sisazoxoxa nayo. Sike sahlangana neCosatu, kanti sivumelene ngokuthi kumele sibuqinise ubudlelwano namadlelandawonye."

Ephawula ngokuduba umhlangano weG20 kukamengameli waseMelika uMnuz Donald Trump, uthe lo mhlangano uzoqhubeka kumnyama kubomvu.

UMbalula uveze nokuthi bamvumele uNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe uMnuz Senzo Mchunu, ukuthi ahlabe ikhefu emisebenzini ye-ANC, njengoba kusaqhubeka izigcawu okubalwa esasePhalamende neKhomishini kaMadlanga, ngengonyuluka eyavezwa nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ngokuthi amaphoyisa asebenzisana nezigebengu.

UMchunu wacela ukuhoxa emsebenzini wenhlangano kanti le nhlangano yaqala yamchitha njengoba isimvumelile ukuthi ahlabe ikhefu.