Izindaba

Bafuna ubulungiswa ngomfundi obhunyelwe womunye ngamanzi abilayo

Zimbili Vilakazi|Published

Amanzi abilayo ebhodweni

Image: Sigciniwe

BAFUNA kungenelele uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal odabeni lomfundi ka-matric ophazamiseke ezivivinyweni zokuphela konyaka, kulandela ukushiswa ngamanzi abilayo ngomunye obekhwelezela isoka elinguthisha.

Umfundi, u-Andiswa Jobe (18) waseSiphondweni High, eJozini, uthwele kanzima esibhedlela saseNgwelezane.

Ngokusho kukaninalume, uMnuz Sphiwe Vilane, uphuthunyiswe esibhedlela iManguzi ngoLwesine ekuseni, kulandela isigameko.

Uthe ngokubona ubucayi besimo, isibhedlela iManguzi simdlulisele eNgwelezane 

Elandisa ngesigameko uVilane, uthe umsolwa wamthola kahle umshana wakhe esalele ngezikhathi zasekuseni.

“Njengoba kubhalwa izivivinyo abafundi bahlala ngaphakathi esikoleni benzela ukuthi kube lula ukuzilungiselela okuthe xaxa, emva kwamahora esikole. Umsolwa nomgilwa bebeyingxenye yalaba bafundi abahlala ngaphakathi njengoba ekwaze ukumhlasela,” kusho uVilane.

Uthe bathole ukuthi umsolwa uvuke kuqala, wabilisa amanzi ngeketelo, maqede wabhunyela  umgilwa obesalele.

“Ubemsola ngokuthi uthandana nothisha wakulesi isikole oyisoka lakhe (umsolwa),” kusho uVilane. 

Uthe bathole ukuthi uthisha okukhulunywa ngaye ubemshela umgilwa, abathandani.

Udalule nokuthi emva kwesigameko bathole ukuthi uthisha uwumuntu ozenzela umathanda kubafundi, uthandana nabo, alale nabo, abanye baze bakhulelwe, bese ekhokha inhlawulo emindenini. 

“Thina sidinwa wukuthi umshana usephazamiseke ezivivinyweni zakhe ezibalulekile njengoba elaliswe esibhedlela. Sifuna ubulungiswa ngalokhu ngoba kuthikameza ikusasa lakhe,” kusho uVilane.

Ecacisa uthe kufanele kube khona izinyathelo ezithathelwa umsolwa kanjalo nothisha osolwa ngokucekela phansi ikusasa labafundi ngokuthandana nabo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Mlungisi Mtshali, uthe bebengakabikelwa ngesehlakalo, wathi uzothinta ihhovisi lesifunda ukuze ezwe kabanzi ngaso.

Ngokomthetho woMnyango wezeMfundo, uthisha akavumelekile ukuthandana nomfundi.