Izindaba

Abesifazane ne-LGBTQI+ nomkhankaso wokugodla amandla emakhaya nasematohweni

Fanelesibonge Bengu|Published

INHLANGANO iWomen For Change ifuna ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kuthathwe njengenhlekelele eNingizimu Afrika

Image: Sigciniwe

UYADLONDLOBALA umkhankaso ogqugquzela abesifazane nabomphakathi we-LGBTQI+ ukuthi bagodle amandla abo ngoLwesihlanu, ukuze kuzobonakale ukubaluleka kwabo emphakathini kuphele nokuhlukunyezwa kwabo.

Lo mkhankaso uqalwe yinhlangano iWomen for Change elwela amalungelo abesifazane nawezingane. Ezinkundleni zokuxhumana abantu abawesekayo bakhiphe izithombe zabo bafaka umbala obukhwebezane (purple).

Phakathi kosaziwayo asebekhombise ukweseka lo mkhankaso kubalwa kubo uZakes Bantwini, umsakazi uSthandwa Nzuza, Sithelo Shozi nabanye abaningi.

Izolo emini, iphethishini - efuna ukuthi ukuhlukunyezwa kwabesifazane nokubulawa kwabo ngenxa yobulili ukuthi kuthathwe njengenhlekelele  - ibisisayinwe ngabantu abangaphansi kancane kuka-700 000.

Inhlangano ithe eNingizimu Afrika kubulawa abesifazane abalinganiselwa ku-15 ngosuku futhi abangu-117 babika amacala okudlwengula.

UMSAKAZI uSthandwa Nzuza ungomunye wabeseka umkhankaso weWomen for Change ogqugquzela ukuthi kufakwe izimpahla ezimnyama ngoLwesihlanu

Image: Instagram

"NjengeWomen for Change sesibona lesi sihluku usuku nokusuku sibambisana nemindeni ehlukunyezwa ukubulawa kwamalungu ayo futhi sikhulumela nodadewethu abahlukunyezwe kanzima noma badlwengulwa," kusho inhlangano.

Ithe sekuyisikhathi sokuthi kubhekwane nalokhu ngoba izigameko eziningi zenziwa ngabantu abagilwa ababaziyo, yathi ifuna ukuthi ukuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane nezingane kuthathwe njengenhlekelele ukuze kuzokwengezwa izinsiza zikahulumeni.

"Uphiko lokushushisa umphakathi kumele njalo luhlale luphikisa izicelo zebheyili emacaleni okuhlukunyezwa ngokocansi kwezingane, ukudlwengula, udlame lwasekhaya, ukuzama ukubulala nokubulala lapho kunobufakazi obanele. Kusemqoka ukugwema abenza bobubi ukuthi baphinde."

Inhlangano iqhube yathi kumele abatholwa necala bagwetshwe udilikajele, bangawutholi ushwele, yathi kumele kube nezifundo ezikoleni ezifundisa ngokuhlukunyezwa ngokobulili nezinye izikhalo.

Abesifazane abeseka umkhankaso nabe-LGBTQI+ bagqugquzelwe ukuthi bagodle amandla bangayi emsebenzini, ezikoleni bengasebenzi emakhaya nasemiphakathini ngoLwesihlanu, ukukhombisa ukubaluleka kwabo.

Bagqugquzelwe ukungasebenzisi mali futhi bagqoke okumnyama.

Abangeke bakwazi ukungasebenzi banxuswe ukuthi bashiye phansi konke imizuzu engu-15 kusuka ngo-12 emini ukuhlonipha nokukhumbula abesifazane abangu-15 ababulawa eNingizimu Afrika njalo ngosuku.

Oyisishoshovu samalungelo kwiWomen for Change, uMichael Benevolent Masina, ekhuluma kwiSAfm ekuseni, uthe benze ngamabomu ukuthi bakhethe usuku olwandulela ukuqala kwengqungquthela yeG20 ezoba seGoli, ngempelasonto, nokulindeleke ukuthi ithanyelwe ngabaholi bamazwe ahlukene.