UNkk Duduzile Zuma-Sambudla ebingelela abazomeseka eNkantolo eNkulu eThekwini
Image: Willem Phungula
UBUKEKA ezikhululekele uNkk Duduzile Zuma-Sambudla eNkantolo yeMantshi yaseThekwini njengoba kuqala ukuqulwa kwecala lakhe namuhla kuze kube wuNovemba 21.
Ubekwe wuMbuso icala lokuphehla udweshu ngezibhelu zango-2021.
UNkk Zuma-Sambudla usolwa wuMbuso ngokuthi wayegqugquzela eyezibhelu zango-2021, ezashiya umonakalo omkhulu KwaZulu-Natal naseGauteng.
Izibhelu zaqubuka emva kokuthi owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, ezinikele ejele eliseMtshezi, okwaholela ekucekelweni phansi kwempahla kanye nokuzitapela kwabantu ezitolo ezehlukene.
Lezi zibhelu zadala umonakalo ka-R50 billion emnothweni, inqwaba yalahlekelwa yimisebenzi.
Kwashona abantu abangu-345.
Related Topics: